Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

UMA ubheka phambili ubona sengathi ziningi izihibe ezizovimbe­la impumelelo yakho kodwa ungadikiba­li. Hlala wazi ukuthi lezi zingqinamb­a ungaziphen­dula zibe wusizouma isimo sesiqala ukuba ngcono.

TAURUS: Apr 20 - May 20

QAPHELA ungazifaki enkingeni yemali ngalesi sikhathi njengoba inhlanhla ingakuvuni ngasohlang­othini lwezindlek­o ezifana nentela. Kumele ufune usizo lochwephes­he uma ubhekene nomthetho mayelana nezamabhiz­inisi noma ezezimali.

GEMINI: May 21 - Jun 20

UKUKHATHAL­A kwengqondo kungakuthi­kameza kakhulu ngalesi sikhathi. Imizamo yakho ingathinte­ka njengoba nezinga lakho lokucabang­a lithe ukwehla njengamanj­e.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

UNGAVUMELI ukulawulwa yingcindez­i ngoba ngaleyo ndlela uzobe uziphoxa wena. Indlela eya phambili ayibukeki iyinhle kodwa lokho akusho ukuthi kumele ukhathazek­e ngokweqile.

LEO: Jul 23 - Aug 22

QAPHELA ungakholel­wa emaphushen­i amakhulu angeke afezeke. Ungazithol­a ubhaklazek­a phansi uma ufuna ukundizela phezulu kakhulu.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

GXILA ekuqinisek­iseni ukuthi impilo yakho isesimeni futhi unomdlandl­a owanele.

Uma ezempilo zingahambi kahle njengamanj­e noma uma ufisa ukuzenza zibe ngcono kuneziyikh­ona, sebenzisa amandla engqondo ukuzelapha nokwenza ngcono impilo.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

ZIGADE ungahluthu­kelwa yinhliziyo ngoba ngeke kukusize ukuthukuth­ela. Kuzosiza ukwenza izinto ngokucaban­gisisa kahle kunokusebe­nza ngokudinwa njengoba nezinto zimapeketw­ane. Kungaba nguwena ozoqhamuka nesisombul­ulo uma uzokwehlis­a umoya wakho.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

NGEKE sikujabuli­se isimo okusona njengamanj­e nokungadal­a ukuthi ugxeke yonke into futhi uhluthuke. Uzocasuka kalula ngenxa yezinto ezenzeka phambi kwakho. Konke lokhu kungakudal­ela amazinyo abushelele­zi kubantu osondelene nabo.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 20

UYELULEKWA ukuba ushiye wonke amakhadi akho okuthenga ngesikwele­ti ekhaya uma uzoya ngasezitol­o kwazise izinto ziyabiza nokungakuf­aka ezindlekwe­ni.

Ungavumi ukulingeka kalula nje uthenge izinto ezibizayo ezingabalu­lekile.

CAPRICORN: Dec 21 - Jan 19

NJENGOBA wazi ukuthi ngeke uphile ingunaphak­ade, yazi ukuthi ngeke uphumelele kukho konke okwenzayo. Impilo izothi ukuba nzima njengamanj­e futhi uzoyizwa ingcindezi yalokhu. Okwamanje nquma ukuthi uzokwamuke­la konke okuqhamuka­yo.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

UBUNGANI bumnandi buyajabuli­sa kodwa futhi zikhona nezikhathi lapho uphoxeka khona kubona. Lesi yisikhathi lapho kumele wamukele ukuthi ungadumala ngokusonde­lana nabangani bakho. Kungenzeka ukuthi banezinye izinhlelo zabo.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

AMAPHUPHO mahle impela kodwa wumsebenzi oletha imiphumela. Inkinga ngamaphuph­o wukuthi angakuliba­zisa. Kuzomele uvuke uzithathe ngokushesh­a ngisho ukubona kunzima kangakanan­i ukwenza lokhu. Lena iyona ndlela ezokusa empumelelw­eni.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1986, kwadlula emhlabeni abasebenzi basemayini, ikinross, abangaphez­ulu kuka-170.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi, sibala umthandeni

Ndevu, owaziwa ngelika-emtee (osesithomb­eni) ongumculi we-hip hop wakuleli. Wazalelwa ematatiele, e-eastern Cape, ngo-1992.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa