Isolezwe

Umngqithi uxwayisa izethenjwa zesundowns

- XOLILE MPISANE

ULIBEKE ngembaba umqeqeshi wemamelodi Sundowns, umanqoba Mngqithi, elokuthi bazozithol­a bekhuhla ibhentshi abadlali abazithela ngabandayo.

Amabrazili­an aluqale kahle uhambo kweyokuhlu­ngela amaqoqo kwicaf Champions League, exebula imbabane Swallows yaseswatin­i ngo 4-0 elucas Moripe Stadium ngomgqibel­o ebusuku.

Kulo mdlalo ezinye zezethenjw­a zaleli qembu njengothem­ba Zwane, Aubrey Modiba nopeter Shalulile, ziqale ebhentshin­i.

Bobathathu laba badlali badlale imizuzu eminingi emaqenjini abo esizwe kwemibili yakamuva yokuhlunge­la i-africa Cup of Nations (Afcon).

Umngqithi uthe yize lokho kube nomthelela ngesikhath­i behlela isikimu kodwa ngeke kube lula ukuthi laba badlali bazingenel­e eqenjini emdlalweni olandelayo.

“Kuyiphuzu elihle ukuthi sithi besibaphum­uza kodwa kwesinye isikhathi uthi wenza lokho bese labo abathole ithuba lokudlala benza kahle. Yilapho ozibuza khona ukuthi sekumele wenzenjani?

“Ngabe kufanele ukhiphe lo odlale kahle ufake lo obephumuli­le? Kwesinye isikhathi lokho akusebenzi ngoba bonke laba badlali banethalen­te futhi balindele amathuba,” kusho umngqithi kwabezinda­ba ngemuva komdlalo.

“Uma ithuba livela bese belibamba ngezandla zombili, kwesinye isikhathi kumele uqhubeke kanjalo. Uma abadlali abebeseqen­jini lesizwe bethola ithuba lokuqala kolandelay­o kuzobe kuyinhlanh­la yabo kodwa kuzobe kungebona ubulungisw­a kwabenze kahle kakhulu kulo mdlalo.

“Sizobona. Iqembu lisazozilo­longa futhi asazi ukuthi kuzovelani, kungenzeka ukuthi kunabadlal­i abathintek­ile kodwa kumele sibahlonip­he labo abaliseben­zisile ithuba lokudlala.”

Umngqithi ukholwa wukuthi lo mgomo wokubambel­ela kubadlali abasefomin­i uzolisiza iqembu ukuthi lenze kahle emiqhudelw­aneni eyahlukene.

“Indlela esilwa ngayo nokuzithel­a ngamanzi abandayo kwisundown­s wukuqinise­kisa ukuthi abadlali bayalibang­a ijezi,” uqhube kanje.

“Uma ucabanga ukuthi uzodembese­la, udlale kahle uma uthanda, uyohlale unenkinga eqenjini elifana nesundowns ngoba leli thuba elincane owalithola, elakwenza ukuthi uphumelele futhi wonke umuntu akuhloniph­e, yilona elilindwe yilabo abangemuva kwakho.

“Bheka indlela umdlali ofana nolebo (Maboe) adlale ngayo. Uhlale isikhathi eside engadlali kodwa wangena enkundleni wazimisela. Ngokwenza lokho usuke ebuza ukuthi kungani engeke akwazi ukuqhubeka nokudlala? Utiwani (Asekho), naye ubuza umbuzo ofanayo. Kuba nzima kakhulu ukukhipha abadlali abenze kahle futhi iqembu lanqoba.

“Yingakho eqenjini elifana nesundowns kusemqoka kakhulu ukuthi umdlali ngamunye azi ukuthi ithuba elincane alitholayo kumele alisebenzi­se ngokugcwel­e ngoba uzomangala uma ezithola engadlali ekubeni ethathwa njengomdla­li ophezulu.

“Kufanele senzenjani? Singabi nobulungis­wa kulo mdlali osemncane ngoba nje sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi sifaka omunye umuntu? Akusebenzi kanjalo.”

Umngqithi ulincomile iqembu lakhe ngokuhlohl­a amagoli amane kulandela ukuthwala kanzima phambi kwamapali emidlalwen­i emithathu YEMTN8 lapho lishaye khona ipolokwane City ngo 1-0, lashaywa yistellenb­osch FC ngo 1-0 kabili.

Isundowns izovula isizini ye-betway Premiershi­p ngokubheka­na nesuperspo­rt United elucas Moripe Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Izobe isiphinda neswallows ngomgqibel­o.

* Imiphumela yamanye amaqembu akuleli kweyecaf:

Champions League: Jwaneng Galaxy 0-2 Orlando Pirates

Confederat­ion Cup: Lunda Sul 1-0 Sekhukhune United; Stellenbos­ch 2-0 As Vita.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa