Ngichazwa ama-afrika azisa imvelaphi yawo
MHLELI: Ayikho into enhle njengokubona abantu bezazisa izibongo nemvelaphi yabo. Konke lokhu uzokubona uma kwenzeka umhasha ngesithakazelo okungesona esakhe.
Uyobe esekutshela uma engowakwandawonde ukuthi bona bangochochozela, Madani nosibhene senala. Ngeke ubathinte ozuke uma sebethi Mbedu, Bikelwayo, Hoqokazi odla abantu. Njengoba sikusepthemba okuyinyanga yamagugu, kubalulekile ukuthi singakhohlwa yimuva nomlando wethu.
Sakubalula ngaphambilini ukuthi kuyenzeka kufane izithakazelo kodwa lokho okungasho ukuthi kuhlotshwene. Abantu abashiya abangalazi uma ubahasha ngento abangeyona.
Okunye engisanda kukwelamela, okwabantu abangafuni ukuthakazelwa ngezibongo ezithile yize lezo zibongo zisuke zihlobene nabo.
Okwenza abanye bangathandi ukuthi bayaye babuke indlela esaphuma ngayo nendlela esaqambeka ngayo leso sibongo.
Ezinye izibongo zavela ngenxa yomkhonto owagwaza ekhaya. Yingakho-ke abanye bekhuza ibhadi uma ubahasha ngezithopho abasuke bekholelwa ukuthi zavela ngoba umkhonto wagwaza ekhaya.
Abanye baze bashintshe ngisho ebusweni uma ubahasha ngento abangeyona. Kodwa-ke noma kunjalo, abantu abaningi bayohlale bekwazisa ukuthi bangonkomo, Khomo, Sibiya ngenkomo, uzilinkomo, Jolinkomo, Nkominani (Siziba), Mavimbela (ophangela kaqhoqhoqho), Mpinga (omawawa), Mzilawempisi, Mzilankatha nomzila abaphuma kungungunyane kamzila kasoshangane Nxumalo.
Ngeke babangamfaki unyambane, Mawewe nokhuzwayo ezithakazelweni zabo.
Yize abakwamzila befaka ukhuzwayo kodwa lokho akusho ukuthi bahlobana nokhuzwayo abaphuma olibeni lwakwaqwabe.
Z Ntombela
E-DURBAN NORTH