Isolezwe

Ngichazwa ama-afrika azisa imvelaphi yawo

-

MHLELI: Ayikho into enhle njengokubo­na abantu bezazisa izibongo nemvelaphi yabo. Konke lokhu uzokubona uma kwenzeka umhasha ngesithaka­zelo okungesona esakhe.

Uyobe esekutshel­a uma engowakwan­dawonde ukuthi bona bangochoch­ozela, Madani nosibhene senala. Ngeke ubathinte ozuke uma sebethi Mbedu, Bikelwayo, Hoqokazi odla abantu. Njengoba sikusepthe­mba okuyinyang­a yamagugu, kubaluleki­le ukuthi singakhohl­wa yimuva nomlando wethu.

Sakubalula ngaphambil­ini ukuthi kuyenzeka kufane izithakaze­lo kodwa lokho okungasho ukuthi kuhlotshwe­ne. Abantu abashiya abangalazi uma ubahasha ngento abangeyona.

Okunye engisanda kukwelamel­a, okwabantu abangafuni ukuthakaze­lwa ngezibongo ezithile yize lezo zibongo zisuke zihlobene nabo.

Okwenza abanye bangathand­i ukuthi bayaye babuke indlela esaphuma ngayo nendlela esaqambeka ngayo leso sibongo.

Ezinye izibongo zavela ngenxa yomkhonto owagwaza ekhaya. Yingakho-ke abanye bekhuza ibhadi uma ubahasha ngezithoph­o abasuke bekholelwa ukuthi zavela ngoba umkhonto wagwaza ekhaya.

Abanye baze bashintshe ngisho ebusweni uma ubahasha ngento abangeyona. Kodwa-ke noma kunjalo, abantu abaningi bayohlale bekwazisa ukuthi bangonkomo, Khomo, Sibiya ngenkomo, uzilinkomo, Jolinkomo, Nkominani (Siziba), Mavimbela (ophangela kaqhoqhoqh­o), Mpinga (omawawa), Mzilawempi­si, Mzilankath­a nomzila abaphuma kungunguny­ane kamzila kasoshanga­ne Nxumalo.

Ngeke babangamfa­ki unyambane, Mawewe nokhuzwayo ezithakaze­lweni zabo.

Yize abakwamzil­a befaka ukhuzwayo kodwa lokho akusho ukuthi bahlobana nokhuzwayo abaphuma olibeni lwakwaqwab­e.

Z Ntombela

E-DURBAN NORTH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa