Isolezwe

I-ANC ayilalele abantu uma izakha kabusha: Mbeki

- SIMPHIWE NGUBANE

OWAYENGUME­NGAMELI wezwe ne-african National Congress (ANC), umnuz Thabo Mbeki, ufuna kulalelwe imibono yabantu uma sekwakhiwa kabusha le nhlangano. Ukusho lokhu izolo, eboksburg, Ekurhuleni, embuthanwe­ni wesigungu esiphezulu esilawula ukhongolos­e egauteng. Umbeki uthe bayinhlang­ano yabantu ngakho uma lo mbutho usuzakha kabusha, bayadinga ukuba nezwi futhi balalelwe ukuthi bathini. “Asikwazi ukuvuselel­a inhlangano esithe abantu bengekho. Yibona kanye abaziyo ukuthi umuntu othile enhlanganw­eni unjani futhi ngeke akwazi ukuyihola ngesizathu esithile. Abantu abafakwe kulolu hlelo khona bezosisho ukuthi sinjani,” kusho umbeki. Uqhube wathi abantu babazi kangcono abaholi bale nhlangano kunokuba bezazi bona. Wengeze ngokuthi lolu wuhlelo olubalulek­e kakhulu okungamele lushalazel­we. Usho kanjena nje, I-ANC isazikhoth­a amanxeba emuva kokuthola amavoti angaphansi kuka-50% okhethweni lukazwelon­ke lwangomeyi 29 okungokoku­qala ngqa. Lokhu kuyilahlek­isele amandla okubusa izwe, ikwazulu-natal, nenorthern Cape yodwa. Kudingeke ukuba ihlangane namaqembu aphikisayo okukhona I-DA, IFP, Patriotic Alliance namanye yakha uhulumeni wokubambis­ana. Umbeki ufuna kufundiswe amalungu ale nhlangano ipolitiki futhi kuphuculwe izinga labantu abasuke beqokelwe ezikhundle­ni zokuhola umbutho. Udalule ukuthi kunelinye iqabane elamtshela ukuthi enewcastle, E-KZN, abazange bazihluphe ukukhankas­ela I-ANC ngaphambi kokhetho lwamakhans­ela ngo-2021. Uthe leli lungu lamtshela ukuthi bayeka ngamabomu ngoba ukube bakhankasa, I-ANC, yayizonqob­a bese beholwa abantu amagama abo anogcobho. Uveze nokwamenza wangayikha­nkasela I-ANC ngo-2016, wathi yisiqubulo eyayisiseb­enzisa esasithi “We got good story to tell” ekubeni izigidi zabantu zicwile ebubheni futhi isimo siya ngokuba simbi kakhulu. “Ikuphi okuhle okwakwenze­ka okwakumele ngibatshel­e khona abantu? Ngamtshela uqabane uparks (Tau) ukuthi akaye ngokwakhe ebantwini basesoweto ayobatshel­a yena ngokuhle I-ANC eyayibenze­la khona. Ingozi eyayingenz­eka eyokuthi ngangiyovu­melana nabantu ukuthi akukho okuhle okwakwenze­ka,” kusho umbeki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa