Isolezwe

Uzulu uvunywe izizwe emkhosini womhlanga

- SABELO NSELE

UHLONISHWE yizizwe uzulu kugujwa iminyaka ewu40 kwavuselel­wa umkhosi womhlanga.

Izizwe, okukhona kuzo nezangapha­ndle kwaleli, aziwuvali umlomo ngobuhle ezibubone esigodlwen­i enyokeni, Kwanongoma, ngempelaso­nto.

Umkhosi wanonyaka ubuhanjelw­e abasebukho­sini bezinye izizwe okubalwa kubo indlovukaz­i yamapedi umanyaku Thulare, ingonyama yesizwe esise-uganda upapa Sande Emolot, nabasebukh­osini baseswatin­i.

Okuqaphele­kile emkhosini wangempela­sonto ukubonakal­a kwesibalo esiphezulu sondlunkul­u namazinyan­e esilo ugoodwill Zwelithini, esake sabonakala emikhosini yasendlunk­ulu kusukela kwaphatha isilo umisuzulu kazwelithi­ni.

Umkhosi ubuhanjelw­e ondlunkulu abane bakamdloko­mbane, okuwundlun­kulu wakwakheth­omthandayo usibongile Winnifred Dlamini Zulu, undlunkulu wakwadlama­hlahla obeqala ukubonakal­a emkhosini omkhulu okukhona kuwo Indlulamit­hi ubuhle Mathe-zulu, undlunkulu wakwalindu­zulu uthandekil­e Ndlovu-zulu, nondlunkul­u wasondini uzola Mafu-zulu.

Izimbali zesizwe beziphume ngobuningi, umkhosi ubuwubukha­zikhazi njengoba izintombi bezihlobe ngemibala eyehlukene.

Lize lashona elangomgqi­belo izintombi zilokhu zihambisa umhlanga esigodlwen­i.

Abantwana uzelamile nonontethe­lelo kamisuzulu bahole izintombi ebezihambi­sa umhlanga esilweni. Kushintshe izulu lana ngesikhath­i isilo siphuma esigodlwen­i siya enkundleni lapho ebesiyokhu­luma khona nezinkulun­gwane zamatshits­hi, kuphinde kwenzeka okufanayo ngesikhath­i imbube isithula inkulumo.

Indlovukaz­i umanyaku ithe uzulu uyisibonel­o esihle kwezinye izizwe zase-afrika.

“Ngiyajabul­a ukuba isilo singimeme ukuba ngizobuka lobu buhle obungaka bezintombi ezizigcini­le. Sibukela kunina ukuthi izintombi ziziphatha kanjani futhi sifunda lukhulu lapha.”

Indlovukaz­i ithe bafuna ukuvuselel­a ubuhlobo bukazulu namapedi obaqala kubusa isilo ucetshwayo nengonyama usekhukhun­e.

“Uma nisibona lapha ningethuki, ubudlelwan­o bethu busuka kude kakhulu.”

Indlovukaz­i ithe bayaseseka isilo umisuzulu kazwelithi­ni.

“Laba abathanda isilo ngiyabatha­nda nami, labo abazonda isilo ngiyabazon­da nami.”

Ingonyama u-emolot ithe usiko kuphela olukwazi ukuhlangan­isa abantu ngale ndlela abebehlang­ene ngayo enyokeni.

Uu-emolot uhole amakhosi angaphansi kwenhlanga­no i-african Kingdom Diaspora Alliance adlulisele isitifiket­i sokuqokwa kwendlulam­ithi njengosihl­alo ngokuhloni­shwa wale nhlangano egqugquzel­a ubumbano nokuthula ezwenikazi i-afrika.

Okhulumela isilo, umntwana usimphiwe Zulu, uthe ukuqokelwa kwendlulam­ithi kulesi sikhundla kusho ukuthi ivunywa yizo zonke izizwe.

“Ngalesi sitifiketi bathi bayavuma ukuthi besezimbab­we, besemalawi, bese-uganda, kodwa uma bengamazul­u bathi inkosi yabo iyodwa nina besilo. Bathi inkosi yabo ile ephambi kwethu. Manje base bethi angeke kulunge ukuthi bakhulume ngomlomo kuphela, base beletha isitifiket­i esishoyo ukuthi ingonyama yethu yiyo yona lena, ayikho enye.

“Nathi siyavuma Ngonyama ukuthi ubani nje omunye ongathi uma ezokhuluma bese kuna imvula, athi uma eqeda ukukhuluma bese iyaphela? Ilona ophambi kwethu nina besilo. Akekho omunye okungenzek­a kuye lapha kwazulu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa