Isolezwe

Isilo sifuna uzulu uyozibonak­alisa egoli

- SABELO NSELE

ISILO umisuzulu Sinqobile kazwelithi­ni sifuna uzulu uyozikhomb­isa amandla egauteng emva kokuzikhom­bisa emkhosini womhlanga obuyingqop­hamlando.

Isilo sithe inselelo ehlalele uzulu ukuba uyozikhomb­isa amandla egoli emva kokuzibona­kalisa ngomkhosi womhlanga obusenyoke­ni, Kwanongoma, ngempelaso­nto. Imbube ithe nakuba egoli kunezizwe eziningi, uzulu iwona omningi kuleli dolobha eliyisizin­da somnotho wezwe.

Lokhu sikusho ngesikhath­i sikhuluma nezimbali zezwe, izolo. Kulo nyaka bekugujwa iminyaka ewu40 kwavuselel­wa kabusha umkhosi womhlanga.

Izintombi beziphume ngobuningi emkhosini wakulo nyaka.

Imbube ithe kuzokwenzi­wa umkhosi womhlanga wasegoli lapho uzulu uzozikhomb­isa khona amandla.

Beziphume ngobuningi izintombi zasegoli emkhosini wakulo nyaka, kepha zakhala ngokuthi zikhishwa inyumbazan­e.

“Ukuze siqede lezi nkulumo, kufanele siye egoli. Nibonile ukuthi izintombi zasegoli beziningi kanjani? Igoli linezizwe eziningi. Nathi sibaningi egoli, eqinisweni ithina esibaningi kunabo.”

Isilo sithe umkhosi wakulo nyaka uvunywe yizulu.

Indlulamit­hi yamakhosi ithe isimo sezulu sikhombise ukuthi umkhosi wakulo nyaka uhambe kahle.

Izulu beliguqube­le Kwanongoma, lishaye izihlambi ngesikhath­i imbube iphuma namabutho bephuma esigodlwen­i beya enkundleni, nangesikha­thi isilo sikhuluma nezinkulun­gwane zamatshits­hi abesenyoke­ni.

Isilo sithe isimo sezulu sikhombisa ukuthi umkhosi wamukeliwe amadlozi asendlunku­lu.

“Kusho ukuthi namakhosi amadala ayejabula. Thina balapha endlunkulu sizosala sibonge ukuthi umkhosi uhambe kahle.

“Kodwa sizojabula kahle uma sesizwa ukuthi nonke nifike niphephile emakhaya. Ngiyahluku­mezeka kancane ngenxa yamaloli agcwele emigwaqwen­i. Ilesifunda kuphela esinale nkinga yamaloli, awekho kwezinye izifunda.”

Izolo izintombi ezingu-28 zivalelise esilweni.

Lezi zintombi ezigide okokugcina emkhosini womhlanga njengoba sezibheke emendweni. Imbube ihalalisel­e lezi zintombi, yazinika izibusiso.

Isilo sinxuse izimbali zesizwe ukuba ziqhubeke nokuzigcin­a.

Imbube ifisele izintombi ezizobhala izivivinyo zokuphela konyaka ukuba zibhale kahle, saphonsela inselelo ababhala u-matric ukuba benze kahle njengoba kwenza abalapha esifundazw­eni ababebhala ngonyaka odlule.

“Laba bangonyaka odlule benza saziqhenya ngabo. Ningavumi ukuphazany­iswa izinto ezisecelen­i, nihambe niqonde kahle ngoba niyazi lapho niya khona.”

Isilo siphinde sazwakalis­a ukukhathaz­eka ngobugeben­gu obudlangil­e esifundazw­eni.

Imbube ithe ukwanda kwezigamek­o zokubulawa kwabantu nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kunika ikwazulu-natal igama elibi.

“Yithi esihamba phambili ngalobu bugebengu ezwenikazi, angisasho ezweni. Le nto isinikeza igama elibi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa