Isolezwe

Ukulwa kwethu okusinqobi­se isundowns Barker

- XOLILE MPISANE

UMQEQESHI westellenb­osch FC, usteve Barker, ukholwa wukuthi iqembu lakhe alidlulang­a ngoba lithole imamelodi Sundowns ilahlile kowandulel­a owamanqamu EMTN8 kodwa linqotshis­we wukukhuphu­la izinga.

Istellies izifake kowamanqam­u ngesikhath­i iguqisa amabrazili­an ngo 1-0 emlenzeni wesibili obusemoses Mabhida Stadium ngesonto ntambama, yanqoba ngo 2-0 uma sekuhlanga­niswe imilenze yomibili.

“Ngicabanga ukuthi abalandeli besundowns nabebhola jikelele bangasho ukuthi isundowns ibe neshwa ngoba ishaye ipali amahlandla ambalwa kodwa nathi siwatholil­e amathuba amahle emizuzwini engu25 kuya ku-30 yokuvula esiwombeni sokuqala,” kusho ubarker.

“Simake ngokubambi­sana, sasebenzis­a ubuchule. Iqembu elifana nesundowns liyohlale liwakha amathuba futhi ukube ilitholile igoli elilodwa ibizosidal­ela inqwaba yezinkinga ngasekuphe­leni komdlalo.

“Kusobala ukuthi izinga lokuzethem­ba kanye nokubambis­ana kuphezulu eqenjini, akukhathal­i ukuthi ibhola likithina noma alikho kithina, yingakho sesingene kowamanqam­u. Ngakho-ke ngithanda ukuhalalis­ela abadlali kanye neqembu. Ngebhadi besingadla­li phambi kwabalalan­deli bethu kodwa besidlalel­a bona.”

Ezikabarke­r zibuyise izinduku kwazise isundowns yayigcine izikhiphe ngo 2-1 kowandulel­a owamanqamu enedbank Cup ngesizini edlule. Emidlalwen­i emibili yeligi kwakhonya iqembu lasemamelo­di ngo 3-1 nango 1-0.

Ubarker uthe isundowns ikhombisil­e ukuthi isayiqembu eliyingozi kodwa ukuzethemb­a nokugxila ezinhlelwe­ni zabo yikhona okwenze bakwazi ukuphendul­a amatafula.

“Indlela esidlale ngayo iyona eyenze sinqobe le midlalo emibili. Ngeke ngisho ukuthi kungenxa yokungenzi kahle kwesundown­s. Ikhombisil­e ukuthi isasezinge­ni eliphezulu futhi isengakwaz­i ukunqoba izicoco. Ngokwami iyona esasethube­ni lokudlala isicoco seligi futhi,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Iseyiqembu eliyingozi kakhulu eligcwele abadlali abasezinge­ni eliphezulu. Okwenze saphuma phambili kule midlalo emibili ukuhleka kahle enkundleni, ukuzilungi­selela kahle, ukuzethemb­a kanye nokusebenz­isa amaqhinga afanele.

“Sikholwa wukuthi kwesinye isikhathi kufanele ube nesibindi uma ubhekene nesundowns ngoba uma ungayivali ithola isikhathi sokuphasel­ana. Kufanele uyicindeze­le ngoba uma ungakwenzi lokho abadlali bayo basemuva nabasesisw­ini bazokulima­za. Ngicabanga ukuthi sibavale kahle.”

Istellies izobhekana ne-as Vita emlenzeni wokuqala emzuliswan­eni wesibili kweyokuhlu­ngela icaf Confederat­ion Cup ekapa, ngosepthem­ba 13.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? INJABULO kwabanye abadlali bestellenb­osch FC ngemuva kokuzibeki­sela indawo kowamanqam­u EMTN8 behlula imamelodi Sundowns, emoses Mabhida Stadium, ethekwini ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X INJABULO kwabanye abadlali bestellenb­osch FC ngemuva kokuzibeki­sela indawo kowamanqam­u EMTN8 behlula imamelodi Sundowns, emoses Mabhida Stadium, ethekwini ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa