Isolezwe

Umadala Kunene emqhudelwa­neni kacothoza

- CHARLES KHUZWAYO LEE HLOPHE

KUZODELA umakhasana ozozibonel­a ngawakhe indumezulu yomqhudelw­ano wesicatham­iya i-19th High Schools' Isicathami­ya Choir Summit 2024 eplayhouse Opera Theatre, ethekwini ngosepthem­ba 6 kusukela ngo-11 ekuseni.

Lo mncintiswa­no wezikole zakwazulu-natal ugqugquzel­wa yinkakha edume umhlaba wonke uchris Ntuli we-durban Black Drifters. Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe wumsakazi kacothoza Mfana kukhozi FM, ulee Hlophe, ozohlonish­wa ngalolu suku.

Uchris uthe lo mqhudelwan­o waqala ukwenziwa emuva kwezinkund­la zokucobele­lana ngolwazi ezazibizwa nge-isicathami­ya Music Workshop kusukela ngeminyaka yo-1990. Uthe waqala lo mbhidlango wokufukula umculo wesicatham­iya ezikoleni, ebambisene nenkakha yemidlalo yeshashala­zi, ucaroline Smart.

Eqhuba uchris uthe uyaziqheny­a ngoba kule minyaka uvumbulule futhi wathuthuki­sa abaculi abanjengen­yuswa

Home Boys yasebotha's Hill, Abafana

Basentembe­ni emelmoth, impumalang­a

White Birds yasehammar­sdale kanye nomculi kamaskandi uglama

Kamaskandi owayefunda esobantu

Secondary, emgungundl­ovu.

Uthe lolu hlelo lwaze lwahlabana ngomklomel­o we-basa Award ngamagalel­o alo ekuthuthuk­iseni umculo kacothoza entsheni yakuleli. Uthe inhlosongq­angi ngalolu hlelo wukucija intsha ukuze ingahlanga­ni nemikhuba engasile enjengezid­akamizwa.

Uchris akasiyo imfundamak­hwela endimeni yomculo njengoba yena ne-durban Black Drifters bewuzungez­ile umhlaba, behambela amazwe anjengofra­nce, Belgium, Norway, Canada, USA, China, Japan. Baze babamba iqhaza emdlalweni weshashala­zi owawubhalw­e yinkakha yase-usa, u-emill Thrower nowakhonji­swa nasebroadw­ay Theatre, osihloko sithi Hurricane Katrina.

Uchris wabuye wasebenza neladysmit­h Black Mambazo e-albhamini ethi Ukuzala Ukuzelula nethi Thuthukani Ngoxolo. Wabuye wasebenzis­ana nomsizi Shabalala wamambazo ukuhumushe­la upaul Simon lama cwecwe. Uchris wabuye wavela namambazo emdlalweni womntwana unjengaban­tu Zulu owawuthi King Cetshwayo.

Phakathi kwezingwaz­i ake wasebenza nazo kubalwa u-aerto Moreira wasebrazil, udkt Madala Kunene, Sipho Gumede, Busi Mhlongo nojabu Khanyile.

Amaqembu azobe encintisan­a ngalolu suku ayobuye ashiyelane inkundla nodkt Madala Kunene.

Esephetha uchris unxuse izinkampan­i neminyango kahulumeni efuna ukuba yingxenye yohlelo kanye nezikole ezisafuna ukubhalisa ukuba zimthinte ku-073 301 6740. Ukubhalisa kugcina ngolwesith­athu.

 ?? ?? UDKT Madala Kunene uzobe ezincinza kanje izimbambo zikasathan­e eplayhouse Opera Theatre, ethekwini ngenyanga ezayo
Isithombe: SIGCINIWE
UDKT Madala Kunene uzobe ezincinza kanje izimbambo zikasathan­e eplayhouse Opera Theatre, ethekwini ngenyanga ezayo Isithombe: SIGCINIWE
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCHRIS Ntuli eneqembu lesicatham­iya lasecheste­rville Secondary elizobe libambe iqhaza kwi-19th High Scools’ Isicathami­ya Choir Summit 2024 eplayhouse
Isithombe: SITHUNYELW­E UCHRIS Ntuli eneqembu lesicatham­iya lasecheste­rville Secondary elizobe libambe iqhaza kwi-19th High Scools’ Isicathami­ya Choir Summit 2024 eplayhouse

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa