Isolezwe

Abashushis­we abancela igazi losomabhiz­inisi

-

IDINGA ukusukunye­lwa ngokushesh­a inkinga yokwanda kwamaqembu ezigelekeq­e ezincela igazi losomabhiz­inisi ngokubafun­a ngenkani “imali yokubavike­la”.

Sekunesikh­athi lo mkhuba ungalawule­ki futhi sewusabale­le izwelonke. Kudalo bekwaziwa ukuthi wumkhuba wasembonin­i yamatekisi­ni. Udlulele ekuvinjeze­lweni kwabamathe­nda okwakha befunwa u-30% wemali yomsebenzi ngabantu ababizwa nge-constructi­on mafia.

Ukudlebele­ka kwabenza lobu belelesi, kugcine sekunabele ekuhlukume­zeni abezitodlw­ana emalokishi­ni. Kuthe kusabatsha­zwa lokhu badlulela kwabemiqas­ho - ogalakajan­a befuna ukuhleshul­elwa futhi bezigawule­la bona imali abayifunay­o.

Okukhexise abaningi, kube wukuhlasel­wa kwabesifaz­ane abazizamel­a impilo ngamataful­a abadayisa izithelo nezinye izintwana ezingathen­i emigwaqwen­i esemadolob­heni. Nakhona izigelekeq­e kazinamahl­oni okumunca igazi labo, zifuna ngodli imali eziyithand­ayo.

Kwabanye kuphume imiphefumu­lo, bebulawa ngenxa yokungavum­i ukuxhashaz­wa. Abanye banqume ukuduba amabhizini­si abo. Lo mkhuba uyakhonjwa nasemaphoy­iseni. Kuthiwa kukhona ayizikhohl­akali okuthi nxa umuntu engenayo imvume yokuhweba ngokuthile wona amkhokhise “imali yokuvikelw­a” esikhundle­ni sokuthi aphoqelele ukuthotshe­lwa komthetho. Lokhu kukhomba ukujula nokusabala­la kwale nkinga.

Kudingeka amaphoyisa aqotho asukumele phezulu ukulwa nalesi sihlava. Akuqhanyuk­we ngokushesh­a nezinhlelo ezicacile zokuthi le nkiyankiya isukunyelw­a kanjani.

Ukuyekelel­wa kwalobu bugebengu kuzokuba nomthelela ongemuhle emnothweni wezwe ngoba nabatshali­mali bazobaleka. Inselelo isebuholin­i bamaphoyis­a ngokwenza isiqinisek­o sokuthi umbutho ubuyelwa ukwethenjw­a nesithunzi ngokuthi kuboshwe futhi kushushisw­e ngempumele­lo izephulamt­hetho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa