Isolezwe

Igcokama licikwa yizinkulum­o zikakhuzan­i

- THOKOZANI NDLOVU

UKUQOKWA komculi kamaskandi Igcokama Elisha (Mthandeni

Manqele) kwi-record of the Year emiklomelw­eni yezindondo ama-sama sekususe ukukhuluma phakathi kwakhe nembangi yakhe ukhuzani Mpungose ethi wenzelelwe.

Indaba iqalwe wukhuzani obekhuluma kwenye yama-podcast, lapho ethe Igcokama Elisha liqokwe kuma-sama ngenxa yokuthi upearl Maake kancube oyimenenja yakhe usebenzela imotsepe Foundation engenye yabaxhasi bale miklomelo.

Uthe akanawo umona ngegcokama Elisha ngoba vele unezindond­o eziningi kunalo kodwa uyazi ukuthi lenzelelwe ngokuqokwa kule miklomelo.

Upearl Maake kancube oyinkosika­zi kasello

Maake kancube ukhiphe isitatimen­de ecela ukuthi kungahudul­elwa phansi igama lakhe nelenkampa­ni yakhe ngalezi zindaba ezingamamp­unge.

Uthe uyazi ukuthi igama lakhe ligijima ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngezindaba ezingelona iqiniso nezidicile­la phansi isithunzi sakhe.

Uthe uma kungukuthi ziyaqhubek­a lezi zindaba uzophoqele­ka ukuthi athathe izinyathel­o zomthetho ngoba le nto izolimaza isithunzi senkampani yakhe i-wisdom Mobile Marketing Solutions.

Kunokuthi ukhuzani ehlele ngezansi uphinde wabhala kwi-facebook, wathi “Ilula le nto uma ngikuqambe­la amanga ngivulele icala mina ngizoza nobufakazi, kwaphela.”

Ukhuzani ugxekwe ngabaningi ngalesi senzo bekhala ngokuthi ukhuluma kakhulu.

Abanye bebemtshel­a ukuthi akagxile emculweni aphume ezindabeni zabantu ngoba abamlandel­eli ukukhuluma ngabantu.

Kukhona abaze basho nokuthi ukhombisa ukungabi nazwelo ngoba ushilo upearl ukuthi le nto izolimaza inkampani yakhe.

Kukhona abaze basho nokuthi ingoma yegcokama iparis imthwalise kanzima usezama ngakho konke ukulidicil­ela phansi. Kuthintwa Igcokama Elisha lithe alifuni ukuphawula kakhulu ngendaba kakhuzani. “Le nto eshiwo yilo muntu ukuthi ngenzelelw­e ukuzifunel­a udumo nje ngoba vele usephuphil­e. Indlela asephuphe ngayo isimenza azame ngakho konke ukuthi avelele ngoba usephelelw­e akukho angasakuza­mi,” lisho kanje.

 ?? ?? UPEARL Maake kancube othi uzothatha izinyathel­o zomthetho uma ziqhubeka izinkulumo zokudicile­la igama lakhe phansi Isithombe: FACEBOOK
UPEARL Maake kancube othi uzothatha izinyathel­o zomthetho uma ziqhubeka izinkulumo zokudicile­la igama lakhe phansi Isithombe: FACEBOOK
 ?? ?? IGCOKAMA Elisha likhala ngokhuzani Mpungose
Isithombe: SIGCINIWE
IGCOKAMA Elisha likhala ngokhuzani Mpungose Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa