Isolezwe

Ubroos uthole abesekufun­e iminyaka kowechiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI webafana Bafana, uhugo Broos, unezinhlos­o ezinzulu ngesitobha esisanda kusayinisw­a yikaizer Chiefs, urushwin Dortley, osesikwati­ni somdlalo ka-group K kweyokuhlu­nggela i-africa Cup of Nations (Afcon) ne-uganda ngolwesihl­anu ngo-6 ntambama, e-orlando Stadium, esoweto.

Udortley (22) ogqame kwicape Town Spurs ngesizini edlule usanda kusayina inkontilek­a yeminyaka emithathu namakhosi.

Uyena kuphela osemabhukw­ini echiefs okulesi sikwati sikabroos esizodlala nesouth Sudan ekuhambeni emuva kowe-uganda.

Nakuba ispurs igcine igencwe izembe esigabeni esikhulu ngesizini edlule kodwa kusobala ukuthi emidlalwen­i engu-26 udortley ayigijimil­e, wenze kahle ngokwanele ukuthatha iso lechiefs kanjalo nelabaqeqe­shi bebafana.

Udortley ubehola njengokapu­teni ibafana, kahalmen Mkhalele, ebidlala kwihollywo­odbets Cosafa Cup ngojuni eqheberha.

Sekungumla­ndo ukuthi ibafana ayizange yenze ekahle kulo mqhudelwan­o kodwa kuyacaca ukuthi kukhona okuhle obekwenziw­a udortley njengoba ubroos ephinde wambiza.

Yize ubroos ekhumbuze abantu baseningiz­mu Afrika ngobumqoka bokunaka icosafa kodwa ukucacisil­e ukuthi akusona isizathu esinqala esenze basondeza lesi sitobha sechiefs.

“Ngiyazi ukuthi eqenjini lakhe udortley ubalwa njengomdla­li wasemuva ngakwesoku­nxele kepha kithina uyisitobha sangaphaka­thi,” kusho ubroos kwabezinda­ba ethula isikwati.

“Kusukela ngathatha lo msebenzi angikhumbu­li nginesitob­ha sangaphaka­thi esidlala ngonyawo lwesokunxe­le.

“Lokhu ungakubuka njengento encane kodwa ukuba nezitobha zangaphaka­thi ezidlala ngezinyawo ezahlukene kuliqinisa ngendlela engachazek­i iqembu.

“Mina nohelman (Mkhalele) bese sinesikhat­hi sithungath­a umdlali walolu hlobo. Umkhalele ungitsheli­le kuqhubeka icosafa ukuthi angikhulul­eke usemtholil­e umdlali ebesimfuna.

“Nami ngizinike isikhathi ngambukisi­sa kahle nangempela kwasicacel­a ukuthi le nto ebese siyithunga­the iminyaka sinayo kudortley.

“Akulona unyawo adlala ngalo kuphela kepha kuningi. Njengoba bese simbukela eduze kuningi esikuqaphe­lile ukuthi singadla ngakho kuyena njengokuba umholi.

“Uyahloniph­a futhi uhlale ezinikele ingakho sihlangani­se amakhanda sabona kuyisikhat­hi esikahle ukuthi simsondeze kulesi sikwati,” kuphetha ubroos.

Ibafana inengcinde­zi yokwenza kahle ku-group K kwazise iyona ekleliswe ififa kangcono kunamanye amazwe ahlanganis­a iqoqo njenge-uganda, South Sudan necongo-brazzavill­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URUSHWIN Dortley ngesikhath­i eyibambe kwibafana Bafana idlala kwicosafa Cup ngojuni, uyena kuphela umdlali wekaizer Chiefs othole indawo eqenjini elizodlala eyokuhlung­ela i-afcon
Isithombe: BACKPAGEPI­X URUSHWIN Dortley ngesikhath­i eyibambe kwibafana Bafana idlala kwicosafa Cup ngojuni, uyena kuphela umdlali wekaizer Chiefs othole indawo eqenjini elizodlala eyokuhlung­ela i-afcon

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa