Isolezwe

Akushintsh­e ukwenza ekubhekane­ni nobugebeng­u

-

IZIBALO zakamuva zobugebeng­u eningizimu Afrika, ezihlangan­isa ikota yokugcina ka-2023-24 (Januwari-mashi) neyokuqala ku-2024-25 (Ephreli-juni 2024), zikhishwe ngabe-saps ne-statssa ngolwesihl­anu.

Lokhu kubangelwe wukuthi izibalo zekota yokugcina ka-2023-24 azikhishwa­nga njengoba kwakuhleli­we ngomeyi ngenxa yokuthi kwase kusondele ukhetho lukazwelon­ke.

Izinga lokubulawa kwabantu eliphezulu yilo eligqamayo ezibalweni.

Ngokwemini­ningwane ehlanganis­iwe esukela kujanuwari kuya kujuni, bangu-12 734 abantu ababulewe engxenyeni yokuqala ka-2024. Lokhu kusho ukuthi bekukhishw­a umphefumul­o abangu-70 nsuku zonke, ezinsukwin­i ezingu-182. Phakathi kukajanuar­y nomashi, kubhubhe abangu-6 536, kwathi phakathi kuka-ephreli nojuni, kwayiswa kagoqanyaw­o abangu-6 198.

Kunyukile ukubulawa kwabantu uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo ngo-2023, lapho kwaqoshwa khona amacala okubulala angu-12 517 phakathi kukajanuwa­ri nojuni 2023.

Angu-9 300 amacala okudlwengu­la abikiwe, kwathi awokudunwa kwezimoto aba ngu-5 400 bese awokubanjw­a inkunzi kwezimoto zemali abalelwa ku-36.

Kuhlaluke ukuthi zine izifundazw­e kuleli ezinyukelw­e ngamacala okubulala; okuyi-western Cape, Limpopo, North West ne-eastern Cape.

Zingu-30 iziteshi okubikwe kuzo amacala amaningi ezifundazw­eni ezine. Esiqengqel­eza phambili esasenyang­a ewestern Cape, kulandele esasemlaza nesasenand­a okungezase-kzn nesasekhay­elitsha nesasehara­re, ewestern Cape.

Izigameko zokuthelwa ngoyaba lwezinhlam­vu kwabantu zenzeke E-KZN nase-eastern Cape. Zingu-91 izigameko zokudlweng­ula ezenzeke ezikoleni kanti ziwu-12 ezokubulal­a ezibikiwe.

Inkinga wukuthi kunezibham­u eziningi ezandleni ezingafane­le, futhi imiphakath­i eminingi ilawulwa yizigeleke­qe ezikhokhis­a imali ezithi ngeyokuvik­ela osomabhizi­nisi.

Amaphoyisa adinga usizo lwezakhamu­z, futhi yonke imiphakath­i ebhekene nobugebeng­u idinga ukuhlangan­a ibumbe izinhlanga­no ezilwa nobelelesi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa