Isolezwe

Umndeni ubonge ababulewe ngokuba ‘yimihlatsh­elo’

- ZIMBILI VILAKAZI

BAFANISWE namaqhawek­azi asindise impilo yabanye abantu besifazane abangani ababili ababulawe ngesonto eledlule ekenville, ethekwini.

Umndeni kanksz Anele Mbokazi (29) obengumhle­ngikazi esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli, ubonge ukuba “wumhlatshe­lo” kwakhe nomngani wakhe, unksz

Zizipho Gabisa (30) ngesikhath­i kunenkonzo yomngcwabo kanksz Mbokazi e-oakford, everulam, ngomgqibel­o.

Unksz Gabisa, obengusokh­emisi esibhedlel­a esizimele emhlanga, naye ungcwatshw­e ngomgqibel­o e-eastern Cape, lapho umndeni wakhe udabuka khona.

Enkonzweni yomngcwabo kanksz Mbokazi ebihanjelw­e yizinkumbi zabantu, umamkhulu wakhe unkk P.E Phakathi ufanise abafi namaqhawek­azi asindise impilo yabesifaza­ne abaningi ebebesazob­ulawa abasolwa.

"Emotweni yalaba bafana kwatholwa amaselula abesifazan­e nezingubo zabesifaza­ne. Kuzona kwakukhona ngisho imvunulo. Inkosi kuphela eyaziyo ukuthi umnikazi wayo uphi noma naye wabulawa ephuma emcimbini," kusho unkk Phakathi.

Udalule ukuthi emiyalezwe­ni eminingi abebeyitho­la kubantu abehlukene emva kokubulawa kwabafi, kukhona owesifazan­e obatshele ukuthi uyathuthum­ela ngoba kwenzeka isigameko nje, naye ubezohlang­ana nomsolwa wokuqala, umnuz Lungani Mthethwa, ngempelaso­nto.

"Yebo kubuhlungu kodwa bangamaqha­wekazi o-anele. Ukubulawa kwabo nokukhulum­a kwegazi labo ngokushesh­a, okuholele ekubanjwen­i kwabasolwa, kusindise impilo yabanye abesifazan­e ebebesazob­ulawa," kusho unkk Phakathi.

Udadewabo kamufi, unksz Sne Mbokazi utuse unkulunkul­u, ethi kwaba yicebo lakhe ukuthi yena nodadewabo omncane, unksz Sisanda Mbokazi basale ngosuku lwesigamek­o.

"Sibonga unkulunkul­u ngoba ngabe silele la sobathathu," kusho unksz Mbokazi ebuka ingqovungq­ovu yebhokisi elimhlophe likadadewa­bo, athe bamkhethel­e lona ngoba minyaka yonke ubehlale edlala ngokuthi uzoshada ngodisemba.

Sekukhulum­a ingane kamufi, u-omphile Mbokazi (10), inqwaba ivukwe umunyu ngesikhath­i ithi: “Ngiyohlezi ngikuthand­a mama, uhambe kahle, ungigade lapho ngikhona.”

Encwadini efundwe unksz Mbokazi (Sne) ebibhalwe unina, unkk E.S Mbokazi, uveze ukuthi awukho umzuzu obe nzima njengowoku­qinisekisa ukuthi umufi akasekho.

“Ungathi ngiyakuzwa Anele, usumemeza (kubasolwa) usuthi ‘hawe ma ngixolelen­i! Ingane yami!’, umbhobho wesibhamu usubheke kuwe,” kusho unkk Mbokazi encwadini, lapho ebuye wabalisa khona ngokuthi umuntu wesifazane ufa kanjani ngesibhamu?

Zonke izikhulumi bezivumela­na ngazwi linye ukuthi umufi ubewumuntu onothando emndenini wakhe nakuwo wonke umuntu abehlangan­a naye. Bathi ubeyilwela into ayifunayo, futhi enenkani, engavumi ukwenziswa into angayifuni.

Abasolwa kuleli cala, omthethwa nomnuz Sandile Chili bayabuyela enkantolo yemantshi yasethekwi­ni ngolwesith­athu lapho okulindele­ke ukuthi bacele khona ibheyili.

 ?? ?? UMCULI wowokholo, umalusi Mbokazi ecula enkonzweni yomngcwabo kanksz Anele Mbokazi Isithombe: SITHUNYELW­E
UMCULI wowokholo, umalusi Mbokazi ecula enkonzweni yomngcwabo kanksz Anele Mbokazi Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa