Isolezwe

U-erasmus ucacise ngesinqumo sokubuyisa u-etzebeth

- XOLILE MPISANE

UMQEQESHI wamabhokob­hoko, urassie Erasmus, uchaze izizathu zokuguqula isinqumo sokumshiya ngaphandle u-eben ‘Elizabedi’

Etzebeth eqenjini elizobheka­na nenew Zealand e-emirates

Airline Park kusasa ngo-4 ntambama.

Ngesikhath­i ememezela iqembu ngolwesibi­li, u-erasmus udalule ukuthi kuzoqala upieter-steph du Toit benoruan Nortje kwi-lock bese umarco van Staden elinda ebhentshin­i.

Lokhu kudalwe wukuthi kunenqwaba yabakuleli abajwayele ukudlala kule ndawo abalimele.

Nokho isimo sikaetzebe­th siye ngokuya sithuthuka, kwagcina sekunqunyw­e ukuthi aqale ebhentshin­i, kukhishwe uvan Staden eqenjini elizodlala lo mdlalo omqoka werugby Championsh­ip.

“Umgomo wethu uthi uma umdlali engakwazan­ga ukuzilolon­ga ngomsombul­uko ngeke adlale ngomgqibel­o. U-eben uzilolonge ngaphandle kwezinhlun­gu selokhu liqalile isonto. Ngakho-ke kudingeke ukuthi sithathe isinqumo esinzima sokukhipha umarco,” kusho u-erasmus.

“Besibathem­bile abadlali ebesibaqok­e eqenjini elimenyeze­lwe kuqala kodwa njengoba sekukhona u-eben ebhentshin­i kusho ukuthi sinomunye umdlali onguchweph­eshe kwilock eqenjini.

“Sibusiseki­le ngokuba neqembu elikhulu elinabadla­li abangu-45 abazibophe­zele ezinhlelwe­ni zethu futhi abaqondayo ukuthi yini elungele iqembu.

“Iyancomeka indlela umarco azamukele ngayo izindaba. Kuyakhombi­sa ukuthi ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu kanye nohlobo lomuntu ayilo.”

U-erasmus uphinde wakhulula abadlali abane ukuthi bayojoyina amaqembu abo ngaphambi kwemidlalo yecarling Currie Cup yale mpelasonto.

Usteven Kitshoff nomanie Libbok bazojoyina iqembu

LEDHL Western Province, ucanan Moodie ubuyele kwivodacom Bulls, umakazole Mapimpi uzohlangan­a nozakwabo kwihollywo­odbets Sharks.

Khonamanja­lo, umqeqeshi wenew Zealand, uscott Robertson, wenze izinguquko ezimbili eqenjini elizoqala umdlalo.

Uscott Barrett ungene edaweni kasam Darry kwi-lock, kwathi usam Cane wavala isikhala sikadalton Papali'i kwiflank.

Njengamanj­e amabhokobh­oko aqhwakele kwirugby Championsh­ip ngamaphuzu angu-10, alandelwe ama-all Blacks anamahlanu. I-australia isendaweni yesithathu ngamane bese i-argentina iba semsileni ngeqanda.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URASSI Erasmus, umqeqeshi wamabhokob­hoko wenze izinguquko eqenjini elizodlala nenew Zealand kusasa kowerugby Championsh­ip
Isithombe: BACKPAGEPI­X URASSI Erasmus, umqeqeshi wamabhokob­hoko wenze izinguquko eqenjini elizodlala nenew Zealand kusasa kowerugby Championsh­ip
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa