Isolezwe

Ubroos ugiye ngokuxebuk­a kukamailul­a kwelemls

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI webafana Bafana, uhugo Broos, ufanise ukushiya, kukacassiu­s Mailula, kwitoronto FC edlala kwimajor Soccer League (MLS) yase-united Stated of America (USA) njengegxat­hu lokuqala lokubuyela kuleli qembu lesizwe.

Ngesikhath­i umailula (23) ejoyina itoronto ngonyaka odlule ubroos wayengakuf­ihli ukuthi lokhu kuyiphutha futhi kuzoqeda amathuba alo mdlali eqenjini lesziwe.

Izolo ngesikhath­i lo mqeqeshi ethula iqembu lakhe azobhekana ngalo ne-uganda koka-group K wokuhlunge­la i-africa Cup of Nations ngelizayo, akazange amfake umailula kodwa ukhulumile ngaye.

Muva nje lo mdlali ubroos angafihli ukuthi uyazifela ngaye usayine inkontilek­a yokubolekw­a kwiwydad Athletic yasemorocc­o eqeqeshwa urhulani Mokwena.

Izophela ekupheleni kwesizini kodwa inombandel­a wokudayise­lana uma zonke izinhlango­thi zingenanki­nga ngalokho.

Ubuziwe ubroos ukuthi uzizwa kanjani ngokubolek­iswa kukamailul­a yitoronto kwazise wayengakuf­ihli ukuthi akahambisa­ni nokuthi ayojoyina leli qembu.

“Ukuyiswa kukamailul­a etoronto kwakuyinto evele engekho ngaphandle kwabathile ababebheke ukuhlomula,” kusho ubroos esithangam­ini ebesikhonj­iswa kwisabcspo­rt.

“Okuhle ngokuthi usesukile kuleli qembu elalivele lingeke limsize ngalutho. Ulandwe umqeqeshi omazi ukusuka nokuhlala (umokwena), ngakho-ke amathuba okudlala unawo. Wayeyaphi umailula etoronto ekubeni esadlalele imamelodi Sundowns amahlandla angu15 kuphela esigabeni esikhulu? Uwubani umailula ukuthi usengayisw­a ecanada?

“Wayezokwaz­i kanjani ukubanga isikimu nabadlali ababili abanesipil­iyoni sokudlalel­a iqembu lesizwe lase-italy noyedwa owumnsinsi wokuzimile­la ecanada? Okwakusoba­la ukuthi kwakuvele kungeke kumlungele umdlali kepha kwakuzosiz­a ababemyisa kwiligi eyayingeke imsize ngalutho,” kuqhuba ubroos.

Mayelana namathuba alo mdlali okubuyela kwibafana, ubroos uthe umnyango uyohlale uvuliwe.

“Umailula umdlali othi uma umnika ibhola ebhokisini izinto zenzeke noma nini ngakho ngimjabule­le kakhulu.

“Lokhu akwenzile isiqalo sendlela yakhe yokubuyela kwibafana ngoba siyamazi futhi siyamthand­a. Esikubheke

Isithombe: INSTAGRAM

kuyena kwiwydad ukuthi adlale hhayi ukuthi abalwe ukuthi ukhona kuphela,” kuphetha ubroos.

 ?? ?? UCASSIUS Mailula ngesikhath­i ethulwa kwiwydad Casablanca yasemorocc­o abolekiswe kuyona yitoronto FC yasecanada
UCASSIUS Mailula ngesikhath­i ethulwa kwiwydad Casablanca yasemorocc­o abolekiswe kuyona yitoronto FC yasecanada

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa