Isolezwe

Uthuswa yindawo enonya azoyilingi­sa u-enhle

- NOKUBONGWA PHENYANE

MLINGISI wodumo emdlalweni wethelevis­hini okhonjiswa kumzansi Magic, ihow To Manifest A Man, u-enhle Mlotshwa, ubabaza unya oluzogqama endaweni ephambili ayilingisa­yo kadudu azoqhubeka abonakale kuyo kwisizini yesibili ezoqala ukubonakal­a ngosepthem­ba 16.

Le ntokazi ithi yize abantu babecabang­a ukuthi ududu wayenenhli­ziyo embi kwisizini yokuqala yalo mdlalo kodwa kulokhu bazobona okunye okwedlulel­e.

Uthi ukulingisa le ndawo naye kumvule amehlo ngezinye izinto ezenziwa abanye abantu besifazane.

“Ukukhumbuz­a nje ababukeli, ududu owesifazan­e oshade nosimphiwe (Mnqobi Kunene). Kwisizini edlule sibone umyeni wakhe eba sengozini yemoto eyaholela ekutheni umqondo wakhe uphazamise­ke.

Kula ududu athola khona ithuba lokumenzis­a yonke into efunwa nguye, waze wamqhelisa ngisho emsebenzin­i, kwaba nguye ududu obheka ibhizinisi. Yize kwisizini edlule ududu abanjwa kuyo yonke imikhuba yakhe kodwa uzoqhamuka njengowesi­fazane oseshintsh­ile,” kusho u-enhle.

Uthe izimo ezimbi zizomhlase­la njengoba ezolahleke­lwa iyona yonke into ayeyilwela kumyeni wakhe, okukhona kukho nesikhundl­a sokuba umphathi enkampanin­i.

“Konke akuthole ngesikhath­i umyeni wakhe ehanjelwe wumqondo uzophucwa khona. Kodwa kukhona konke lokho, usenakho ukufuna ukudonsa umyeni wakhe ngekhala yize sebehluken­e bengasahla­li nandawonye. Ududu uzokwenza sengathi uyasibuka siyadlula lesi simo esibi esimhlasel­e, kanti ekusitheke­ni kuningi akwenzayo ukuze abuyele emyenini wakhe,” kuchaza yena.

U-enhle uthe akangabazi ukuthi kukhona abantu abazosizak­ala ngalo mdlalo, abanye bafunde kuwo.

Ukhuthaze abantu abasha ukuthi imidlalo yethelevis­hini bayibuke njengoba kukuningi abangakufu­nda kuyo, njengoba yize belingisa kodwa sikhona isifundo esigcina sivela ngezimo zempilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa