Amahlubi nabasembo abaqala ukuba nobuhlobo nelaseswatini
MHLELI: Kunosomlando obhala ngezibongo zabenguni kulezi zinsuku. Useke wabhala ngabasembo (Mkhize) namahlubi (Hadebe). Nakuba engabhalanga lutho ngokuganiselana kwalezi zibongo nobukhosi baseswatini kodwa izona ezokuqala ezaba nobuhlobo namaswati emandulo.
Ngizibuze ukuthi kanjani njengoba nezinto zokuhamba ezigitshelwayo zazingekho? Ingabe ngampela imithimba yayisuka eswatini ngezinyawo? Ngikushiya kubambo namahlubi lokho.
Inkosi Langalibalele 1 kamthimkhulu 11 Hadebe yaganwa umntwana umzamose indodakazi yengwenyama umswati 11, kanjalo futhi Inkosi Ngunezi kasingela kazihlandlo Mkhize, yaganwa umntwana Titfokati (Zithokazi) kamswati 11. Bazala Inkosi Tilongo eyahlukunyezwa abelungu yaze yayogqunywa erobben Island.
Kwakukudala kakhulu lapho zingakabi bikho ezokuthutha. Ingakho ngizibuza ukuthi ngabe kwakuhanjwa ngezinyawo ngempela. Ngeminyaka yawo-1940 zabe sezikhona ezokuthutha kodwa zisagqoza, siqalile isizwe samazulu saganiselana nabasekoloni. Umntwana ujessica wengonyama Maphumzana kadinuzulu wagana ikumkani unyangelizwe Tutor Ndamase yamampondo asenyandeni, Ahh Vulindlela! Kwase kwanda-ke ubuhlobo phakathi kwabenguni bakwazulu, amaswati nabasekoloni.
Ingonyama umdlokombane iganwe undlunkulu Mantfombi kasobhuza. Ikumkani Mpondombini Sigcawu yamampondo aseqawukeni
Ahh Thandizulu, yaganwa ikumkanikazi Makhosatini kasobhuza, ikumkani Makaziwe Ndamase Ahh Mabalangwe yamampondo asenyandeni yaganwa ikumkanikazi Bhongolwethu, naye owayeyindodakazi yengwenyama usobhuza.
Umntwana Nomusa kabhusha Kwadlamahlahla wendela ikumkani Maxhobayakhawuleza Sandile, Ahh Zanesizwe, yamaxhosa amagharghabe emngwesha eqonce. Umntwana Nandi kamdlokombane wendela Inkosi Mfundo Mtirara, Ahh Bhovulengwe yabathembu basematshenenqina e-eastern Cape. Inkosi Langalibalele
11 ebusa amahlubi nayo iganwe umasobhuza wakhona Kwangwane, eswatini.
Amahlubi nabasembo abaqala ukwakha ubuhlobo nesizwe esinobungonyama izwe lisaxokozela kudidizelwa kugotshwa amadlangala kubuye kufudukwe ngenxa yezimpi.
Igama lencwadi:
Le ncwadi imayelana nentombazane eneminyaka engu-17. Umbalenhle ubuka unina ehlukumezeka ezandleni zomyeni wakhe, onguyise kambalenhle. Umbalenhle uyazama ukuvikela udadewabo omncane ukuthi angasiboni isimo esenzeka kubo.
Ukubuka unina ehlukumezeka kudala enkulu inzondo kumbalenhle futhi kushintsha nendlela abuka ngayo abantu besilisa. Isimo sasekhaya esingesihle size siphoqe ukuba umbalenhle nodadewabo bathuthe bahlale kwamakhelwane, lapho behlangana khona nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.
Incwadi iphinde iveze izinhlangothi zabanye abantu besifazane kanye nezingane eziphila ngaphansi kwengcindezi ngenxa yabantu abazibiza ngamadoda nangobaba.
Kungabe izinto ezenziwa abantu besilisa emphakathini lapho kuhlala khona umbalenhle ziyishintsha kanjani impilo yakhe kanye neyozakwabo? Kazi iyozala nkomoni? Funda le ncwadi evusa imizwa eminingi ukuze uthole isifundo nesiphetho.
Upheliswa Msele owesifazane oneminyaka engu-19. Uthanda ukubhala nokukhuluma mayelana nezimo ezibhekana nabantu besifazane kanye namalungelo abo nezingane. Ungowokuzalwa edolobheni elincane i-bergville, Kwazulunatal kodwa isikhathi esiningi uba egoli lapho efunda iziqu zemfundo ephakeme (Chartered Accounting).