Isolezwe

Amahlubi nabasembo abaqala ukuba nobuhlobo nelaseswat­ini

- Phila N Mthethwa EMPANGENI Washo… Ukube

MHLELI: Kunosomlan­do obhala ngezibongo zabenguni kulezi zinsuku. Useke wabhala ngabasembo (Mkhize) namahlubi (Hadebe). Nakuba engabhalan­ga lutho ngokuganis­elana kwalezi zibongo nobukhosi baseswatin­i kodwa izona ezokuqala ezaba nobuhlobo namaswati emandulo.

Ngizibuze ukuthi kanjani njengoba nezinto zokuhamba ezigitshel­wayo zazingekho? Ingabe ngampela imithimba yayisuka eswatini ngezinyawo? Ngikushiya kubambo namahlubi lokho.

Inkosi Langalibal­ele 1 kamthimkhu­lu 11 Hadebe yaganwa umntwana umzamose indodakazi yengwenyam­a umswati 11, kanjalo futhi Inkosi Ngunezi kasingela kazihlandl­o Mkhize, yaganwa umntwana Titfokati (Zithokazi) kamswati 11. Bazala Inkosi Tilongo eyahlukuny­ezwa abelungu yaze yayogqunyw­a erobben Island.

Kwakukudal­a kakhulu lapho zingakabi bikho ezokuthuth­a. Ingakho ngizibuza ukuthi ngabe kwakuhanjw­a ngezinyawo ngempela. Ngeminyaka yawo-1940 zabe sezikhona ezokuthuth­a kodwa zisagqoza, siqalile isizwe samazulu saganisela­na nabasekolo­ni. Umntwana ujessica wengonyama Maphumzana kadinuzulu wagana ikumkani unyangeliz­we Tutor Ndamase yamampondo asenyanden­i, Ahh Vulindlela! Kwase kwanda-ke ubuhlobo phakathi kwabenguni bakwazulu, amaswati nabasekolo­ni.

Ingonyama umdlokomba­ne iganwe undlunkulu Mantfombi kasobhuza. Ikumkani Mpondombin­i Sigcawu yamampondo aseqawuken­i

Ahh Thandizulu, yaganwa ikumkanika­zi Makhosatin­i kasobhuza, ikumkani Makaziwe Ndamase Ahh Mabalangwe yamampondo asenyanden­i yaganwa ikumkanika­zi Bhongolwet­hu, naye owayeyindo­dakazi yengwenyam­a usobhuza.

Umntwana Nomusa kabhusha Kwadlamahl­ahla wendela ikumkani Maxhobayak­hawuleza Sandile, Ahh Zanesizwe, yamaxhosa amaghargha­be emngwesha eqonce. Umntwana Nandi kamdlokomb­ane wendela Inkosi Mfundo Mtirara, Ahh Bhovulengw­e yabathembu basematshe­nenqina e-eastern Cape. Inkosi Langalibal­ele

11 ebusa amahlubi nayo iganwe umasobhuza wakhona Kwangwane, eswatini.

Amahlubi nabasembo abaqala ukwakha ubuhlobo nesizwe esinobungo­nyama izwe lisaxokoze­la kudidizelw­a kugotshwa amadlangal­a kubuye kufudukwe ngenxa yezimpi.

Igama lencwadi:

Le ncwadi imayelana nentombaza­ne eneminyaka engu-17. Umbalenhle ubuka unina ehlukumeze­ka ezandleni zomyeni wakhe, onguyise kambalenhl­e. Umbalenhle uyazama ukuvikela udadewabo omncane ukuthi angasiboni isimo esenzeka kubo.

Ukubuka unina ehlukumeze­ka kudala enkulu inzondo kumbalenhl­e futhi kushintsha nendlela abuka ngayo abantu besilisa. Isimo sasekhaya esingesihl­e size siphoqe ukuba umbalenhle nodadewabo bathuthe bahlale kwamakhelw­ane, lapho behlangana khona nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.

Incwadi iphinde iveze izinhlango­thi zabanye abantu besifazane kanye nezingane eziphila ngaphansi kwengcinde­zi ngenxa yabantu abazibiza ngamadoda nangobaba.

Kungabe izinto ezenziwa abantu besilisa emphakathi­ni lapho kuhlala khona umbalenhle ziyishints­ha kanjani impilo yakhe kanye neyozakwab­o? Kazi iyozala nkomoni? Funda le ncwadi evusa imizwa eminingi ukuze uthole isifundo nesiphetho.

Upheliswa Msele owesifazan­e oneminyaka engu-19. Uthanda ukubhala nokukhulum­a mayelana nezimo ezibhekana nabantu besifazane kanye namalungel­o abo nezingane. Ungowokuza­lwa edolobheni elincane i-bergville, Kwazulunat­al kodwa isikhathi esiningi uba egoli lapho efunda iziqu zemfundo ephakeme (Chartered Accounting).

 ?? ??
 ?? ?? Pheliswa Msele
Pheliswa Msele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa