Isolezwe

Amabhokobh­oko alindele ubunzima kuma-all Blacks kuleli

- XOLILE MPISANE

LIQINISEKI­SE ukuthi lizobuyela ekhaya limamathek­a iqembu lakuleli lombhoxo labesilisa ngokuthela phansi i-australia ngo 30-12 emdlalweni we-rugby Championsh­ip obuse-optus Stadium, eperth, ngomgqibel­o.

Ukunqoba kwamabhoko­bhoko kusho ukuthi akwazile ukunqoba imidlalo emibili ilandelana e-australia okokuqala kusukela ngo-1971, njengoba abewashaye ngo 33-7 ama-wallabies emdlalweni wokuqala ebrisbane.

Iperth yaziwa ngokuba nenqwaba yabantu baseningiz­imu Afrika asebezinze e-australia futhi kabazange baphoxe njengoba bephume ngobuningi babo yize imvula ibiyidliva. Amabhokobh­oko aqale umdlalo ngabadlali abangu-10 abangazang­e baqale kowokuvula, akwazile ukumelana nezimo ezinzima zokudlala emvuleni ebikhashwa ngumoya, agcina ewunqobile umdlalo.

U-aphelele Fassi nomarco van Staden bashaye i-try eyodwa ngamunye, umalcolm Marx washaya amabili.

Usacha Feinberg-mngomezulu ubeke phakathi amaphenath­i amabili kanye ne-conversion eyodwa, kwathi uhandre Pollard washaya i-conversion eyodwa.

Amaphuzu ama-wallabies aqhamuke kumaphenat­hi amane akhahlelwe ngunoah Lolesio.

“Siwuqale kahle umqhudelwa­no. Sithole amaphuzu amahlanu emidlalwen­i emibili ilandelana. Manje sekumele sigoduke siyolungis­elela ukubhekana nama-all Blacks. Kuzoba yinselelo enkulu ekhaya kodwa sijabule ngokwenziw­e yiqembu e-australia,” kusho umdlali wakuleli, u-eben Etzebeth.

“Wonke umuntu ulitholile ithuba lokudlala. Sihlala sithi uthola leli thuba kuphela uma likufanele. Abadlali abaqale umdlalo babeke isisekelo esiwombeni sokuqala kwathi abebesuka ebhentshin­i bawuqedela umsebenzi. Kuyajabuli­sa ukubabona bedlala kuleli zinga. Kukhombisa uhlobo lweqembu umqeqeshi urassie alakhayo futhi yilokho esikufunay­o.”

Amabhokobh­oko azolungise­lela ukubhekana nenew Zealand e-ellis

Park, egoli, ngo-agasti 31. Azophinde adudulane nawo ama-all Blacks ekapa ngosepthem­ba 7.

Urassie uthe nakuba ama-all Blacks ehluliwe emdlalweni wawo wokuqala ebhekene ne-argentina, indlela avuke ngayo ashaya iqembu elifanayo emdlalweni wesibili, ikhombisil­e ukuthi kuzoba nzima kangakanan­i ukudlala nawo.

"Kuzoba yinselelo enzima kakhulu. Angiqondil­e ukudelela i-australia ngoba siyazi ukuthi okwamanje isalakha kabusha iqembu," kusho u-erasmus.

“Ngesonto eledlule ngesikhath­i amaall Blacks ehlulwa, abantu bakhulume okuningi ngawo, kodwa abuyile ahlohla amaphuzu amaningi esephinda ne-argentina. Sizodlala nawo egoli bese sidlulela ekapa, lapho ekhululeka khona kangcono. Kuzoba uchungechu­nge olunzima,” kuphetha yena.

 ?? Isithombe: EPA ?? AMABHOKOBH­OKO ephakamise indebe ebizwa ngenelson Mandela Plate ngemuva kokuhlula i-australia kabili ekuhambeni emidlalwen­i ye-rugby Championsh­ip
Isithombe: EPA AMABHOKOBH­OKO ephakamise indebe ebizwa ngenelson Mandela Plate ngemuva kokuhlula i-australia kabili ekuhambeni emidlalwen­i ye-rugby Championsh­ip

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa