Isolezwe

Ubonge ushembe nokwesekwa owempucuze­ko Maskandi Festival

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMHLELI womcimbi waminyaka yonke kamaskandi Impucuzeko Maskandi Festival ebise-people’s Park, emoses Mabhida Stadium, ngomgqibel­o, ubonge ukwesekwa kule minyaka engu-11 bewenza.

Kulo mcimbi obuye uteketiswe nge-world Cup, abantu bebephume ngobuningi babo futhi bengazinci­shi ngokudansa nokucula nabaculi ababathand­ayo.

Phakathi kwezicukut­hwane ebezikhona kubalwa iphini likamengam­eli WE-IFP futhi elingungqo­ngqoshe wezisebenz­i zikahulume­ni nokuphatha, Inkosi Mzamo Buthelezi.

Phakathi kwabaculi abebeshiye­lana inkundla kubalwa kubo usmirnoff, Khuzani, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Thokozani Langa, Izingane Zoma, Cevuzile, Mbuzeni, Gatsheni, Mayoghurt nabanye.

Imizamo yokuthola umhleli womcimbi, uxolani Mcineka, ukuba aphawule ayiphumele­langa izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Nokho ubhale kwi-facebook ebonga bonke abeseke umcimbi.

“Ngithanda ukuqala ngala mazwi, ushembe uyama nomuntu, wethembeki­le futhi uyalimela igama lakhe. Mina ngiwubufak­azi balokho obuqandula ikhanda.

“Bese ngibonga ithongo lasekhaya komama kancwane nelakithi emacineken­i, anifanga nina naguqa nje nabheka emsamo amandla enu ngiyofike ngiwababaz­e ngisho sengifike phambi kwenu… Naze nalenza iqiniso kwintandan­e yenu,” kusho yena.

Ubonge abalandeli bakamaskan­di nabaculi.

Ngibonge umasipala wetheku ukuma nathi nokuqinise­kisa ukuthi into yamabhinca bayibukela eduzane ngaso sonke isikhathi. Sibonge nabo bonke osisi nobhuti abamayo nathi ngaphansi kwazo zonke izimo, abavumi ukungenwa umoya womubi.

“Unkulunkul­u akamngani wamuntu futhi akahlali emzini womuntu. Siyabonga kakhulu sizwe sakithi esimnyama.”

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UGATSHENI enandisa kwimpucuze­ko Maskandi Festival
Izithombe: ZITHUNYELW­E UGATSHENI enandisa kwimpucuze­ko Maskandi Festival
 ?? ?? UMAYOGHURT udlale ingoma yakhe ethi Bhinca Lami kwajabula abalandeli
UMAYOGHURT udlale ingoma yakhe ethi Bhinca Lami kwajabula abalandeli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa