Isolezwe

Kasazi iyozala nkomoni ngoshivamb­u kwi-mk

- Dkt Sibusiso Xaba E-BLUFF, ETHEKWINI

MHLELI: Kuningi esikubone kwenzeka ezindabeni zezepoliti­ki eningizimu Afrika esontweni eledlule.

Phakathi kwezinto esizibonil­e; sibone umkhandlu kamasipala wasegoli ukhetha imeya entsha umnuz Dada Morero, kulandela ukusula kwalowo obesebe yimeya isikhathi esingaphez­ulu konyaka, umnuz Kabelo Gwamanda.

Ezinye yilezo engingathi zimangaze abaningi ezimayelan­a nokusula kwalowo obephini likamengam­eli WE-EFF, umnuz Floyd Shivambu, wase ejoyina iqembu I-MK eliholwa yilowo owayengumo­ngameli WE-ANC nezwe, umnuz Jacob Zuma.

Ushivambu nozuma banomlando omude kwipolitik­i yaseningiz­imu Afrika. Lo mlando ubandakany­a izikhathi ezinhle nezimbi. Ubudlelwan­o babo babungobuh­le kakhulu ngesikhath­i uzuma esakhankas­ela ukuba umengameli WE-ANC, ushivambu esesephikw­eni lwentsha lwe-anc.

Uzuma waphuma phambili njengomhol­i WE-ANC engqungqut­heleni eyayisepol­okwane. Kodwa kwathi emva kweminyaka, uzuma esengumeng­ameli, ushivambu nabanye abaholi babekwa amacala okungahlon­iphi nokungazip­hathi kahle, base beyaxoshwa.

Kulapho-ke ushivambu, Mnuz Julius Malema nabanye basungula khona iqembu I-EFF. Labhekana ngqo nozuma lisebenzis­a imikhankas­o ethinta ukuqiniswa kwezokuphe­pha komuzi wasenkandl­a, ukugxambuk­ela kwabakwagu­pta ezindabeni zikahulume­ni, VBS, neminye.

Ngokwalo mlando ophakathi kwala baholi ababili akekho obelindele ukuthi ushivambu engajoyina I-MK. Lokhu-ke kubonakala kungalekel­ela kakhulu I-MK njengenhla­ngano entsha futhi engenaye umuntu onamava ekuqaleni inhlangano entsha yezepoliti­ki.

Ushivambu uyena obebonakal­a engumgogod­la ekusungulw­eni, ekusebenze­ni nasekukhul­eni kwe-eff.

Kodwa-ke asilazi ikusasa lakhe kwi-mk ngoba sekubonake­le ukuthi alukho kahle uzinzo kuyo. Asethembe-ke ukuthi ushivambu uzolekelel­a ekwakhiwen­i nasekuzinz­eni kwe-mk. Sikufisela inhlanhla mfo kashivambu, siyawazi amagalelo akho.

 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA / INDEPENDEN­T MEDIA ?? UMNUZ Floyd Shivambu ethula ikepisi LE-EFF
Isithombe: OUPA MOKOENA / INDEPENDEN­T MEDIA UMNUZ Floyd Shivambu ethula ikepisi LE-EFF

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa