Isolezwe

Ayinasidin­go imvunge ngondlunku­lu othathwe yisilo

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Kunabantu abangamazu­lu abangawuqo­ndi kahle umlando walesi sizwe engifuna ukubachaze­la lokhu. Okokuqala ingonyama indlulamit­hi ngeyokuqal­a ukuzalwa ebukhosini obukhulu besizwe esingomakh­elwane.

Ngaphandle kwesilo ushaka kasenzanga­khona inkosazana emzalayo yayizalwa ebukhosini benkosi ubhebhe Mhlongo esigodlwen­i sasengugen­i elangeni. Zonke ezinye izingonyam­a zazizalwa amadodakaz­i ezikhulu zezwe nabanumzan­e ababenegam­a endlunkulu.

Ngibhala ngoba kulokhu kunemvunge esizweni yokuthi isilo sithathe undlunkulu ongazalwa yinkosi futhi ongesona isihlobo sobukhosi bakwamyeni. Kuba sengathi omdala wenze iphutha ngokungath­athi indodakazi yenkosi, futhi kube sengathi kuqala ngaye kanti namakhosi amadala akhona angaganwan­ga ebukhosini.

Kunamakhos­i akwamyeni amabili emkhanyaku­de. Enye eyasezimbi­dleni enye eyakwavuma. Kungenzeka ukuthi undlunkulu ungumzukul­wane wesithupha wenye yamakhosi amadala alezi zizwe. Manje ngoba engazalwa yinkosi ebusayo sekumele acwaswe aqheliswe nobukhosi bakwamdolo­mba ebe enegazi lamakhhosi akhona amadala. Kukopolotw­ani. Angithi nabakwazul­u abayisizuk­ulwane seshumi kusuka enkosini undaba sibabiza ngabantwan­a nakuba bengazalwa inkosi ebusayo?

Kahle hle kuchazani ukuthi umuntu wakwabiyel­a akahlobene nobukhosi bakwabiyel­a ekubeni engaphakat­hi esizweni sakwabiyel­a ngoba engazalwa yinkosi ebusayo khona? Ngenza isibonelo nje ngabakwame­nziwa.

Ngiyakholw­a ukuthi abantu abanjengob­aba untombela abanolwazi oluthe thuthu ngokuzalan­a kwezibongo bazosisiza ukuthi umuntu wakwacele uyisihlobo kanjani nomunye wakwacele uma sizofundis­wa isizulu esisha, kuthiwe abakwamthe­thwa kodwa abahlobene, izibongo fana.

Yini yona leyo? Ngihlobana kanjani nomuntu wakithi esithakaze­la naye ngezithaka­zelo ezifanayo. Isizathu ukuthi sihlala ezindaweni ezehlukene?

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa