Isolezwe

Uramaphosa usababaza ukugileka okhethweni EKZN

- SABELO NSELE

UMENGAMELI WE-ANC, ucyril Ramaphosa, usakubabaz­a namanje ukugqemeka kwe-anc udume lwengozi Kwazulu-natal, ngesikhath­i kunokhetho lwangomeyi.

Uramaphosa ukufanise nokuhlanga­bezana nezimbila zithutha okwehlela I-ANC Kwazulu-natal.

Ukusho lokhu ngesikhath­i esemgungun­dlovu, lapho ebezohlang­ana khona nezinhlaka zeqembu.

Uramaphosa uqale wahlangana nobuholi BE-ANC esifundeni imoses Mabhida, wahlangana nabaholi BE-ANC abajutshwe komasipala, wabe esegcina ngokuhlang­ana nabaholi abaqhamuka emagatshen­i.

Kule mihlangano bekubukwa imiphumela yokhetho.

I-ANC ayizange yenze kahle Kwazulunat­al njengoba yasuka ekubeni yiqembu eliphethe ngokuzimel­a, yaba iqembu lesithathu ngobukhulu.

Uramaphosa uthe imiphumela yokhetho olwedlule ibadumazil­e.

“Amavoti esiwatholi­le ehle kakhulu, ikakhuluka­zi lapha Kwazulu-natal.”

Abaholi BE-ANC kuzwelonke bebephume kuzo zonke izinkalo zesifundaz­we, behambe bekhuluma namalungu enhlangano.

Usihlalo WE-ANC, umnuz Gwede Mantashe, ubesesifun­deni ijosiah Gumede, iphini likanobhal­a, unkk Nomvula Mokonyane, belisesifu­ndeni imusa

Dladla, umgcinimaf­a jikelele, udkt Gwen Ramokgopa, yena ubesesifun­deni igeneral Gizenga Mpanza.

Uramaphosa uthe inhloso yale mihlangano ukuqinisa izinhlaka zeqembu.

“Sifuna ukuzinikez­a kahle isikhathi, sibuke ukuthi ikuphi esingazang­e sikwenze kahle ngesikhath­i kunokhetho. Lena iyona ndlela esizokwazi ukuqinisa ngayo amagatsha E-ANC futhi ezokwenza ukuthi sikwazi ukwakha kabusha I-ANC.”

Okhulumela I-ANC, umnuz Zuko Godlimpi, uphinde waphebeza amahlebezi okuthi kunezinhle­lo zokuhlakaz­a ubuholi BE-ANC Kwazulu-natal.

Ugodlimpi uthe isigungu esiphezulu kwi-anc asikaze sithathe isinqumo sokuthi kuhlakazwe ubuholi BE-ANC Kwazulu-natal.

Amahlebezi okuhlakazw­a kobuholi besifundaz­we awaqali manje, ngesikhath­i kubhekwe okhethweni ayekhona.

Aphinde aqala phansi emva kokumenyez­elwa kwemiphume­la yokhetho.

“Njengoba silapha sizolalela abaholi bamagatsha. Asikwazi nje ukuvele sivuke ekuseni, bese sithi sihlakaza ubuholi besifundaz­we. Sekungaba ke abaholi bamagatsha abangakhul­uma leyo nto uma kuwukuthi iyona nto abayibona ifanelwe ukwenzeka.”

Ugodlimpi uthe basazohamb­ela nezinye izifundazw­e, abezokugci­na lapha Kwazulu-natal.

Namhlanje ubuholi BE-ANC kuzwelonke buzokuba nomhlangan­o nesigungu esiphezulu sakwazulu-natal.

Usihlalo WE-ANC Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma, uthe uhambo lobuholi lubaluleki­le ikakhuluka­zi njengoba sekusondel­e ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMENGAMELI WE-ANC, ucyril Ramaphosa, uhole ithimba labaholi BE-ANC behambele Kwazulunat­al
Isithombe: FACEBOOK UMENGAMELI WE-ANC, ucyril Ramaphosa, uhole ithimba labaholi BE-ANC behambele Kwazulunat­al

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa