OwePololwane usekhathele ukuchaza ngokhonjwa wichiefs
UKHOMBISE izimpawu zokunengeka ngokucacisa ngekusasa, lika-oswin Appollis, umqeqeshi wepolokwane City, uphuthi Mohafe, ngesikhathi ebuzwa ngamahemuhemu akhomba lo mgadli kwikaizer Chiefs. Akuyona ichiefs kuphela okukhonjwa kuyona lo mdlali webafana Bafana oneminyaka engu-22 kodwa kuvela ne-i-mc Alger yase-algeria, Zamalek FC yase-egypt Esperance de Tunis, yasetunisia newydad Athletic yasemorocco esanda kuqasha, urhulani Mokwena.
U-appollis owayeyingxenye yebafana edle indondo yethusi kwi-africa Cup of Nations (Afcon) ebise-ivory Coast ngasekuqaleni konyaka, uwuqale ebhentshini owemtn8 nemamelodi Sundowns, * osekungumlando ukuthi baguqile kuwona ngesonto elucas Moripe Stadium.
Kusukela u-appollis elandwe ipretoria Callies esephonse ithawula kunobhutshuzwayo ngo-2022, ulokhu ekhule njalo okwenza ahlale emataniswa namaqembu athathwa njengamakhulu njalo uma kuvuleke uphawini wokushintshana ngabadlali.
Ngempelasonto edlule uphinde wabuzwa umohafe ngekusasa lalo mdlali. Lokhu kudalwe wukuthi akazange amqalise umdlalo.
“Sengiqala ukukhathala ukuphendula umbuzo owodwa ngomdlali oyedwa nekusasa lakhe,” kusho umohafe.
“Njengakuyona yonke imidlalo sibheka isitha esibhekene naso bese kuba yima siphuma nokuthi yiliphi iqembu esizolisebenzisa.
“Besihlele ukumfaka esiwombeni sesibili ngenhloso yokumelana nanoma yikuphi isundowns ebizosijikijela ngakho esiwombeni sesibili njengoba wonke umuntu ezibonele.
“Ngokwazi kwami u-appollis ungumdlali wethu. Lokhu kuyoshintsha mhla kwabakhona kubaphathi beqembu ongitshela ukuthi sekunezinguquko kulokho,” kugcizelela umohafe.
Ngesikhathi kuthintwa, ulance Davids, obheke izindaba zika-appollis uthe akukabibikho angakusho.
“Kunobhutshuzwayo izinto ziguquka ngokushesha ngakho-ke okwamanje angikwazi ukuthi uyahlala kwipolokwane, uzoya kwelinye LEPSL noma uzofulathela iningizimu Afrika,” kusho udavids.
“Akukho engingasho ngikhululeke ukuthi sengiqedile naye ngo-appollis kodwa abaphethe ukhiye iqembu lakhe ngoba usenenkontileka nalo,” kushaya udavids ngamafuphi.
Lo mdlali wasekapa ojoyine ipolokwane ngojulayi 1 ka-2023 unenkontileka nayo ephela ngojuni 30 ka-2026. Kowangesonto u-appollis ubebukwa, unasreddine Nabi, wechiefs nobroos nomkhalele bebafana.