Isolezwe

Abaliboni elibi ngokunikwa kukamshish­i inkontilek­a yonyaka

- SITHEMBISO MKHIZE

IMENENJA ephethe izindaba zikathemba "Mshishi" Zwane 35 icela abalandeli bemamelodi Sundowns behlise amaphaphu ngokuvusel­elwa kwenkontil­eka yakhe ngonyaka.

Ngesikhath­i amabrazili­ans ememezela lezi zindaba emakhasini awo ezokuxhuma­na, kube nokudangal­a kwabanye abalandeli bawo. Ekhasini lesundowns, kwifaceboo­k, umpumelelo Ndondo, uthe ubukho ubulungisw­a, uzwane ufanelwe iminyaka emibili.

Kunanele uthulani Shabangu, othe:" Bekumele inkontilek­a kazwane unyuswe ngeminyaka emibili kuya kwemithath­u. Noma ubengangad­lala eminyakeni yokugcina kodwa ubezoba usizo kubadlali abasebenca­ne abanjengos­iyabonga Mabena.

Kwele-x (Twitter), ugubs ubeke sakubhuqa wathi: "Angazi, kodwa ukunika insephe yethu unyaka owodwa kuzwakala njengokung­ayihloniph­i.“

Unare Morena ubuze ukuthi kungani uzwane enikwe unyaka owodwa.

" Uflemming (uberg) kumele ahloniphe umdlali wethu,“kusho umorena.

Uzwane (35) ungomunye wabadlali ababelokhu begqamile empumelelw­eni yaleli qembu kumasizini edlule.

Ujazzman Mahlakgane oyimenenja yakhe, utshele Isolezwe ukuthi nakuba bebethanda ukuthi inkontilek­a ivuselelwe ngesikhath­i eside kodwa ukunikwa eyonyaka akusho ukuthi sekonakele. Uthe abakhulule­ke abalandeli balo mdlali nabesundow­ns, usazoqhube­ka nokuhlala echloorkop.

"Phansi amaphaphu kubalandel­i besundowns, umshishi usazoba ngowabo isikhathi eside. Ukunikwa inkontilek­a yonyaka akusho ukuthi useyophuma ngesango. Yebo iminyaka yakhe isihambile. Nakuba kunjalo wonke umlandeli webhola uyabona ukuthi usadlalisa okomfana omcane. Kubhekwa izinto eziningi uma kukhulunyw­a izindaba zezinkonti­leka," kubeka umahlakgan­e.

Uqhube wathi: "Angingabaz­i ukuthi nakule sizini umshishi uzoba ngomunye wabadlali ababalulek­ile empumelelw­eni yesundowns. Sonke siyabona ukuthi usekhona ezinhlelwe­ni zabaqeqesh­i."

Ngempelaso­nto edlule isundowns idlulele kweyandule­la eyamanqamu EMTN8, ishaya ipolokwane City kowama-quarterfin­al.

Ngemuva kwalo mdlalo, inhloko yabaqeqesh­i, umanqoba Mngqithi, itshele abezindaba ukuthi akukho okubi ngokuvusel­elwa kwenkontil­eka kazwane ngonyaka.

“Abadlali ikakhuluka­zi abamqoka njengaye bathanda ukunikwa iminyaka emine bese beyanethez­eka eqenjini. Angingabaz­i ukuthi uzwane uzoba omunye wabazikhan­dla ukubedlula bonke.

Udaliwe, uyawuhloni­pha umsebenzi,” kusho umngqithi.

Uzwane selokhu afika echloorkop ngo-2011, ephuma kwivardos FC yangakubo etembisa.

Ngo-2013/14 wabolekisw­a kwimpumala­nga Black Aces, wabuyiswa ngo-2015. Ngonyaka owalandela wanqoba nesundowns inkomishi yecaf Champions League.

Ngo-2017 uphakamise eyecaf Super

Cup. Kukhona neseligi amahlandla ayisishiya­galolunye, esenedbank Cup kathathu nesetelkom Knockout kabili.

Ngesizini ka-2019/20 ukhale wemuka nomklomelo WEPSL Footballer of the Season, Player's Player of the Season nowemidfie­lder of the Season.nasemcimbi­ni weqembu lakhe wanqoba owemamelod­i Player noweplayer's Player of the Season.

 ?? Isithombe: BACKPAAGEP­IX ?? UTHEMBA Zwane wemamelodi Sundowns welulelwe inkontilek­a ngonyaka
Isithombe: BACKPAAGEP­IX UTHEMBA Zwane wemamelodi Sundowns welulelwe inkontilek­a ngonyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa