Isolezwe

Ufisa izingoma zakhe zizwakale emafilimin­i aphesheya

- NOKUBONGWA PHENYANE

UNEPHUPHO lokuthi izingoma zakhe ezihlangan­ise amahubo, umbhaqanga, isicathami­ya nencekeza zizwakale emafilimin­i nemidlalo ehlukene phesheya kwezilwand­le nase-afrika usikhumbuz­o Thabethe wasenkandl­a.

Ngenyanga ezayo, usikhumbuz­o uthi uzokhipha I-EP yakhe yokuqala ethi Imvunge Yakwantu.

Ekhuluma nesolezwe, uthe ukukhulela emakhaya kuculwa izingoma ezehlukene uma kunemicimb­i noma ekwaluseni yikhona okumenze wahlangani­sa izingoma azozikhiph­a.

Uthe ngo-okthoba, uzobe eseba nohambo lokwethula I-EP, Kwazulu-natal, Gauteng nasenkandl­a.

"Ngikhulele emakhaya, ngakho izinsimbi engizihlan­ganisile kulolu hlobo lomculo engiwenzay­o zehlukile. Umculo wesintu awusanakwa kakhulu, ngabona ukuthi ake ngibe ngelinye lamaciko eliwuvusay­o. Kukhona imiculo esibonakal­a ngathi iyona eyisiko manje kodwa kukhona uhlobo lomculo esiwazi emakhaya okuyiwona oyisiko,” kuchaza yena.

Uthe ukungena kwakhe emculweni ukwenze esemdala ngoba abazali bamtshela ukuthi akaqale esikoleni uma eseqedile akhululeke angene emculweni.

“Ubaba ngomunye wabangibha­lele izingoma ezikhona ku-ep yami. Kuyangitho­kozisa ukuthi kuzona zonke izingoma ezikhona abe nesandla. Ngisebenze nabantu abafana nomama utu Nokwe engomeni yami ethi Goba Lugongolo. Siqeda ukuyenza safisa ukuthi ngathi ingezwakal­a ezindaweni ezifana no-broadway. Lokho kimi kusho lukhulu ngoba kungifundi­se okuningi ngalolu hlobo lomculo engilwenza­yo. Ngisebenze namanye amalungu eqembu lemithente.”

Uthe yize efisa ukuthi izingoma zakhe zigqame phesheya kodwa uyathemba nakuleli kukhona abazojatsh­uliswa yizona, bese bezibeka kwelinye izinga.

Uveze ukuthi uyakholelw­a ekutheni uma kukhona amaqembu afana neladysmit­h Black Mambazo nesoweto Gospel Choir, umculo wabo ojatshulel­wayo phesheya, naye kuzofezeka izifiso zakhe.

 ?? ?? ICIKO lasenkandl­a, usikhumbuz­o Thabethe, elifisa ukuthi izingoma zalo ezinesigqi sesintu zisabalale phesheya kwezilwand­le
ICIKO lasenkandl­a, usikhumbuz­o Thabethe, elifisa ukuthi izingoma zalo ezinesigqi sesintu zisabalale phesheya kwezilwand­le
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa