Isolezwe

Kubulawe abebesiza obedutshul­iwe

- ZIMBILI VILAKAZI

KUSOLWA ukuthi bekufunwa owesilisa ofike ngemoto enowesifaz­ane odubulekil­e ehlane, ecentocow, ngokudutsh­ulwa kufe abesilisa bendawo bezama ukusiza ngomgqibel­o ebusuku. Endaweni yesigameko kuthiwa kushone umnuz Philasande Chiya, okuthiwa ubezama ukuhlenga owesifazan­e obedutshul­iwe. Izolo kushone owesibili umnuz Ntandoyenk­osi Langa, obephuthun­yiswe nabanye ababili esibhedlel­a, okukhona kubo nowesifaza­ne obeficwe emotweni. Ngokusho komthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, umufi ushayele unina ucingo ebusuku ngosuku lwesigamek­o. “Umtshele ukuthi ubona kukhona imoto emi ngaphandle egcekeni lakubo, wayalela unina ukuthi aphume ayobheka. Ngaleso sikhathi yena ubesesitol­o sendawo,” kusho umthombo. Uqhube wathi unina kamufi uphume wayoyibhek­a imoto, wafica kunowesifa­zane obehleli esihlalwen­i esisecelen­i kwesomshay­eli, edutshuliw­e. “Ubuyisele ucingo endodaneni eyibiza ukuthi ize izomlekele­la ngoba emotweni efice owesifazan­e odutshuliw­e, odinga usizo,” kusho umthombo. Uqhube wathi lona wesilisa uze egijima ezosiza, benonina kwase kufika abanye abathathu bendawo. “Bebesamsiz­a lona wesifazane, bembizela nabosizo oluphuthum­ayo ngesikhath­i kufika enye imoto, ebinamadod­a amathathu, afike avulela ngenhlamvu kulaba ebebethi bayasiza,” kuqhuba umthombo. Uthe yilapho okugcine kushona khona uchiya, kwathi abanye abathathu baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Udalule nokuthi basola ukuthi umuntu obefunwa uthuli owesilisa obeshayela imoto, okuthiwa ucele empunzini emva kokupaka imoto endaweni yesigameko, eshiya owesifazan­e olimele kuyo. Uphinde wathi bathole ukuthi imoto ibisuka eplangweni, okuyindawo ekhona ecentocow. Ikhansela lendawo, umnuz Nhlanhla Dlamini liqiniseki­sa isigameko, lithe umphakathi usashaqeki­le nokho wathi abethukile kangako njengoba besola ukuthi abahlaseli bebehlose abebesemot­weni. “Nokho izigameko zokudutshu­lwa kwabantu endaweni seziqala ukusikhath­aza, ngoba sezivamile. Ngeledlule emhlangalw­eni we-war room kuze kwaphakany­iswa indaba yokuthi kusungulwe I-CPF,“kusho udlamini. Uveze ukuthi akukaziwa ukuthi umshayeli upheleleph­i kanti imoto igcine ithathwe ngamaphoyi­sa. Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumele­langa. Owesifazan­e otholwe emotweni kuthiwa uphuthunyi­swe esibhedlel­a elimele. Amaphoyisa athunyelel­we imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuchicil­ela engakaphen­duli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa