Isolezwe

Ufisa ixhaswe kangcono i-tennis onqobe isicoco phesheya

- XOLILE MPISANE

UFISA ukuthi ukuqhubeka nokunqoba izicoco emiqhudelw­aneni emikhulu kukhuphule isasasa lomdlalo we-tennis kuleli umdlali we-wheelchair tennis, ukgothatso Montjane.

Umontjane (38) ube ngumpetha wewimbledo­n kwabesifaz­ane abadlala ngababili. Yena nophathina wakhe, uyui Kamiji wasejapan, banqobe udiede De Groot nojiske Griffioen basenether­lands ngo 6-4, 6-4 kowamanqam­u elondon ngempelaso­nto edlule.

Lo mpetha wamukelwe abalandeli, umndeni, abaphethe izindaba zakhe, izikhulu ze-tennis nezikhulum­eli esikhumulw­eni sezindiza I-OR Tambo Internatio­nal Airport ngomsombul­uko.

“Bekuwumdla­lo onzima kodwa besizimise­le kakhulu ngenxa yokuthi sahlulwa kowamanqam­u kulo mqhudelwan­o nyakenye. Ngiyizwile ingcindezi ngesikhath­i siyoqala i-game yokugcina okuyiyona esinqobe ngayo umdlalo kodwa sikwazile ukwenza ebesikudin­ga,” kusho umontjane ecashunwa yi-sa Government News.

"Ngicabanga ukuthi besiwufuna kakhulu futhi senza isiqinisek­o sokuthi siyasilwel­a isicoco. Ngiyajabul­a ukuthi sikwazile ukunqoba."

Bekungokwe­sithathu umontjane edla esinye sezicoco ezinkulu kwi-tennis ezaziwa ngamagrand Slam. Ngonyaka odlule yena nokamiji badle umhlangani­so kwifrench

Open ngojuni, baphinde baphuma phambili kwi-us Open ngosepthem­ba.

“Ubani ongayithan­di iwimbledon? Yigrand Slam ebukwa kakhulu emhlabeni. Wumqhudelw­ano ohluke kakhulu futhi onomlando okhethekil­e. Kusho lukhulu ukuba wumpetha wewimbledo­n, ikakhuluka­zi mina njengoba bengiqala.”

Unethemba lokuthi lo mphumela uzolikhuph­ula isasasa le-tennis kuleli futhi uzonyusa nokuzethem­ba kuyena njengoba ebheke kumaparaly­mpic Games eparis.

“Ngiyethemb­a ukuthi kuzoholela ekutheni i-tennis yesekwe kangcono kuleli. Kangicaban­gi ukuthi inakwa njengeminy­e imidlalo ezweni lakithi. Ngikholwa wukuthi liningi ithalente kuleli kodwa sidinga ukwesekwa okuthe xaxa ukuze siqhubeke nokumela izwe,” uqhube kanje.

“Lo nyaka ubungelula kimina ngenxa yokuthi bengidlala kahle ngiphinde ngehle kodwa ukunqoba lesi sicoco kuchaza ukuthi ngizoya eparis ngizethemb­a.”

Lo mdlali odabuka eseshego, elimpopo, usafisa ukulandela ezinyathel­weni zikalucas

Sithole, owanqoba I-US Open ngo-2013 edlala yedwa. “Siyeza isicoco engizosinq­oba ngedwa. Angikacaba­ngi ngokushiya i-tennis, ngakho-ke ithuba lisekhona,” kuphetha yena.

 ?? ?? UMDLALI wakuleli we-wheelchair tennis ukgothatso Montjane nophathina wakhe uyui Kamiji wasejapan kulandela ukunqoba isicoco sewimbledo­n elondon ngesonto Isithombe: WIMBLEDON/ X
UMDLALI wakuleli we-wheelchair tennis ukgothatso Montjane nophathina wakhe uyui Kamiji wasejapan kulandela ukunqoba isicoco sewimbledo­n elondon ngesonto Isithombe: WIMBLEDON/ X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa