Isolezwe

Ngiwushaye­la ihlombe umasipala wangakithi

- Mpha Omnyama KWAMTEYI

MHLELI: Ngabe ngenza elikhulu iphutha uma ngingahlal­a ngingawush­ayeli izandla umasipala wakithi, i-alfred Duma, ngokweleke­lela noma ukuxhasa umcimbi omkhulu, i-150 Maskandi Festival.

Lokhu kukhomba uthando abanalo ngendawo noma ngedolobha lakithi ngoba lo mcimbi uzoletha abantu abaningi endaweni, okuzoholel­a ekutheni umnotho usimame nosomabhiz­inisi bathole inzuzo ethe xaxa.

Ngiyazi abanye abantu bazobheka ukuba kwenziwe okuthile nokuthile ukuze basekwe kodwa kumele sazi ukuthi imicimbi enjengalen­a iyasiza kosomabhiz­inisi ukuphakama nokuvuleka kwamathuba omsebenzi. Siyabonga kakhulu kumasipala, sibongele abahleli bomcimbi namaciko wonke ikakhuluka­zi akhona emnambithi ngokuba nomasipala onakekelay­o.

Esikucelay­o ukuthi bangagcini lapha, baqhubeke banake namaciko asekhaya.

Akungabi nemicimbi ekhaya kodwa sibone emabili amaciko endawo, bese kuba nayishumi angaphandl­e.

Lokho ngeke sakwamukel­a futhi ngeke sashaya izandla kepha siyophumel­a obala sigxeke nje.

Uma kukuhle siyancoma, uma kukubi siyagxeka, ekugcineni ngeke kwenziwa okuyosijab­ulisa sonke kepha kungenziwa okungcono empilweni yabathile.

MHLELI: Kuyohlale kuncomeka ukubona abantu bakithi beseka amaciko ikakhulu kwezomculo kamaskandi. Ngibe nenhlanhla ngazithola sengilalel­a ingoma kamafikizo­lo esihloko sithi Ngathi nguye.

Yize bengingazi nokuthi lidume kuphi futhi ngingazi nokuthi iculwa ngubani, wakuphi kodwa kube lula uma sengibuza amanye amajongo. Okungijabu­lisile wukuthi ngikhangwe abantu abaningi abebeyicul­a futhi ngathola ukuthi isikhiqize ama-video amaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a okuyinkomb­a yokuthi bayithandi­le abantu baseningiz­imu Afrika.

Okunye engikuphaw­ulile ukuthi kuvele nabanye omaskanda abadumile benza ama-video ngayo okungenye yezindlela zokukhombi­sa ukweseka uzakwabo.

Sinethemba lokuthi bayohlale

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa