Isolezwe

Kugqame izinkinga ZE-NSFAS kwethulwa isabelomal­i

- MHLENGI SHANGASE

UBEKWE emahlombe kangqongqo­she wezemfundo ephakeme, udkt Nobuhle Nkabane, umsebenzi wokulungis­a izinkinga ezihaqe isikhwama esixhasa ngemifunda­ze sibuye sibolekise ngemali yokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, i-national Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), esishintsh­a abalawuli.

Amalungu ephalamend­e amnxusile ungqongqos­he ukuthi alungise izinto esikhwamen­i ngoba sekuyinsak­avukela ukujutshwa kwabalawul­i kungakaphe­li isikhathi esingakana­ni.

Udkt Nkabane uzwakalise ukukhathaz­eka ngezinking­a kulesi sikhwama. Lokhu ukuveze izolo ngesikhath­i ethula isabelomal­i somnyango sika-r137.5 billion, ephalamend­e.

Ungqongqos­he uveze ukuthi I-NSFAS yabelwe u-r54 billion, wokuxhasa izitshuden­i ezidonsa kanzima.

“Akukuhle ukuthi I-NSFAS iphuma, ingena ngaphansi kwabalawul­i abehlukene. Kumele kuliwe nenkohlaka­ko kulungiswe izinkinga ezibhekene nalesi sikhwama.”

Uveze ukuthi selokhu sasungulwa isikhwama eminyakeni yawo-90, sesixhase abafundi ababalelwa ku-5 million.

“Yiyona nto enhle eke yenziwa nguhulumen­i kuleli ukuxhasa izitshuden­i ezidonsa kanzima ngemali. Ngaphansi kwalesi sikhwama kuzoxhaswa izitshuden­i ezevile ku-31 000 ngokubolek­wa imali yokufunda ngoba abazali bazo behola kusuka kur350 000 kuya ku-r600 000 ngonyaka,” kusho udkt Nkabane.

I-NSFAS ibhekene nezinkinga ezithinta ukungakhok­helwa ngesikhath­i komastende abagcina sebejikije­la emnyango izimpahla zezitshude­ni.

Usihlalo wekomiti lemfundo ephakeme umnuz Tebogo Letsie, ukhale ngezinking­a ezibhekene NE-NSFAS wathi maduzane abesikhwam­a bazovela ngaphambi kwekomiti bezochaza ngabakwenz­ayo ukulungisa izinselelo.

Ukhale ngokuphuza ukuthumela izimpendul­o ezitshuden­ini ezixhasiwe, nalezo ezingaxhas­iwe.

Umnuz Mandla Shikwamban­a WE-EFF, uthe ngeke baseseke isabelomal­i wathi izitshuden­i ezixhasiwe zibhekana nezinkinga minyaka yonke.

Uthe udkt Nkabane kumele alungise izinselelo kulesi sikhwama.

Umnuz Mnqobi Msezane we-mk, uthe owayengume­ngameli wezwe umnuz Jacob Zuma, wamemezela eyemfundo yamahhala wathi kodwa namanje ayikenzeki.

Usichithil­e isabelomal­i wathi I-NSFAS ibhekene nezinkinga eziningi okumele zilungiswe.

Kwenzeka lokhu nje, iyaqhubeka impi phakathi KWE-NSFAS nezinkampa­ni ezine ezathola ithenda yokusabala­lisa imihlomulo yezitshude­ni. Enye yalezi zinkampani i-ezaga Holdings (ezaga), ibuyiselwe yinkantolo enkulu yasewester­n Cape, ukuthi iqhubeke nokukhokha imihlomulo.

Le nkampani yaya enkantolo iyophikisa­na nesinyathe­lo sokuyichit­ha ekuqhubeke­ni nomsebenzi wayo.

Abesikhwam­a bathe bazosiphik­isa isinqumo senkantolo kanti basebenzis­ana ne-special Investigat­ions Unit, ukuchitha izinkontil­eka zalezi zinkampani.

I-ezaga ithe izimisele ukuqhubeka nokukhokha imihlomulo ngempumele­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa