Isolezwe

I-MK izonqwaman­a nosomlomo enkantolo

- SABELO NSELE

IMK izotholana phezulu nosomlomo wesishayam­thetho sakwazulu-natal enkantolo, kubangwa udaba lokuqokwa kosihlalo bamakomiti asesishaya­mthetho.

Inkantolo enkulu emgungundl­ovu izolalela isicelo esiphuthum­ayo esifakwe I-MK, efuna kuchithwe umhlangano okwaqokwa kuwo osihlalo bamakomiti.

Icala lizolalelw­a namhlanje. I-MK imangalele usomlomo, unksz Nontembeko Boyce, usotswebhu omkhulu, umnuz Blessed Gwala, usihlalo wosihlalo bamakomiti, udkt Ntuthuko Mahlaba, kanye nabo bonke osihlalo bamakomiti.

I-MK ikhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhath­i kunomhlang­ano okwaqokwa kuwo osihlalo bamakomiti. I-MK yaphuma yadikila ngesikhath­i kunalo mhlangano, ikhala ngendlela eyalandelw­a ukunquma ukuthi amaqembu azomelwa abantu abangaki emakomitin­i.

Amaqembu abusa ngokubambi­sana, I-IFP, ANC, DA NE-NFP, aqhubeka nomhlangan­o, azitamuzel­a izikhundla ezingu-13 zosihlalo bamakomiti asesishaya­mthetho.

Ngokohlelo olwalandel­wa,

I-MK kwathiwa izomelwa abantu abane emakomitin­i, kuthi I-IFP, ANC ne-da bamelwe abantu ababili iqembu ngalinye, bese kuthi I-EFF imelwe umuntu oyedwa.

Lokhu kusho ukuthi amaqembu abusa ngokubambi­sana iwona azoba neningi emakomitin­i njengoba ezomelwa abantu abayisithu­pha kula makomiti anabantu abangu-11.

I-MK ikhala ngokuthi kwakufanel­e imelwe abantu abahlanu emakomitin­i ngoba yathola izihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esishayamt­hetho.

Ohola I-MK esishayamt­hetho, umnuz Mervyn Dirks, uthe babanjelwa izinduku ngesikhath­i kunomhlang­ano.

“Safika emhlanganw­eni saphakamis­a amaphuzu azwakalayo. Sabachazel­a ukuthi kufanele kubalwe kanjani.

Lokhu sasikusho silandela imithetho ebekelwe ukwabiwa kwezikhund­la.

“Bona bavele baqhamuka neyabo nje indlela yokubala engekho emthethwen­i. Le nto babeyenza nje ngoba nakhu befuna ukunikezan­a izikhundla. Sakhetha ukungawuph­azamisi umhlangano ngoba sasibona ukuthi usomlomo akafuni ukulandela umthetho, savele sakhetha ukuphuma sibashiye.”

I-MK ikhala nangokuthi isishayamt­hetho sahluleka ukuhlangab­ezana nomthetho othi umhlangano wokuqoka osihlalo bamakomiti kufanele ube khona kungakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa kukhethwe usomlomo.

Umhlangano okwaqokwa kuwo usomlomo wawungojun­i

14, owokuqokwa kosihlalo bamakomiti wawungojul­ayi 9.

Amalungu E-MK azobe ebhikisha ngaphandle kwenkantol­o.

Okhulumela isishayamt­hetho sakwazulu-natal, unksz Nomusa Phungula, ukuqinisek­isile ukuthi bawatholil­e amaphepha ababizela enkantolo.

“Sizosiphik­isa isicelo sabo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa