Ufuna umshini wokuvala ukusebenza kwamaselula emajele
UNGQONGQOSHE wokuhlunyeleliswa kwezimilo ukhale ngokuthi kuzobambezela ukuthengwa komshini omisa i-signal yamaselula aphathwa yiziboshwa ukuncishiswa kwesabelomali somnyango wakhe.
Udkt Pieter Groenewald usho kanje emuva kokwethulwa kwesabelomali sika-r87.1 million. Le mali yehle ngo-r2.5 billion.
Ekhuluma nabeziko lezindaba i-newzroom Afrika, ugroenewald udalule ukuthi kungase kunqindeke nokuqashwa kwabasebenzi abasha abagada iziboshwa.
Ukuncishiswa kwesabelomali uthe kuzobambezela ukuthengwa komshini omisa i-signal yamaselula asetshenziswa yiziboshwa.
“Sidinga nomshini osezingeni eliphezulu lobuchwepheshe besimanje ozokwenza sinqamule i-signal yamaselula aphathwa yiziboshwa. Asikwazi ukuwuthenga manje kodwa wudaba engizolubika kubaphathi bami,” kusho ugroenewald.
Elakuleli lineziboshwa ezingu-156 600, ugroenewald athe kuwumsebenzi ukugadwa kwazo ngakho badinga kwengezwe abasebenzi.
Ufuna kuqhanyukwe nezisombululo ekutheni kuzokwenziwa njani ngeziboshwa eziboshelwe amacala amancane, ezinye zazo ezivalelwe ngoba zihluleka wukukhokha ibheyili ka-r100.
Uthe kudla umnyango awengamele u-r400 ukunakekela isiboshwa esisodwa ngosuku ejele.
“Zibalelwa ku-60 000 iziboshwa ezihlulwa ibheyili. Ukunciphisa le sibalo kungasiza ekongeni imali nokugcwala okusemajele,” kusho ugroenewald.
Ngo-2019 ngesikhathi ekhankasela ukhetho ugroenewald wathi kumele kubuyiswe isigwebo sentambo sinikezwe abasuke belahlwa amacala okubulala.
Wathi kumele kuqikelelwe ukuthi abanikwa isigwebo sentambo yibo kanye abenze amacala abasuke belahlwe ngawo.
Kodwa useshaya ungqimphothwe uthi kwakuwumbono weqembu i-freedom Front Plus angumengameli walo.
Ube esebeka ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila.
“Abantu abaqala le nto yesigwebo sentambo nokuyinto engahlangene nomnyango wami futhi engahambisani nomthethosisekelo wezwe.
“U-chapter 2 ucacisa ngamalungelo abantu, ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila,” kusho ugroenewald engeza ngokuthi akakwazi ukubuyisa isigwebo sentambo.