Isolezwe

Imantshi ikhale ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane igweba owabulala intombi

- NKOSIKHONA CELE

IKHALE kakhulu ngesihlava sokubulawa kwabesifaz­ane imantshi ithi sesiphendu­ke insakavuke­la ngesikhath­i igweba udilikajel­e owesilisa waselindel­ani owasoconga intombi yakhe.

Umxolisi Mvula (32) kuthiwa wangqubuza odongeni intombi yakhe, unksz Phindile Mkhize (21) amahlandla ayisikhomb­isa waze washona.

Isigameko senzeka ngodisemba 2, 2022 elindelani, umvula ecikwa ukuthi umufi wayekade engalalang­a kuyena ngayizolo njengoba babekipiti­le.

Ngemuva kokuba esemngqubu­ze odongeni, kuthiwa waqhubeka wamgxoba umufi eselele phansi waze wakhihliza amagwebu.

Ngemuva kwalokho kuthiwa umvula wabaleka kodwa amaphoyisa agcina embambile.

Wafaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yamnqabela ikhala ngokuthi izizathu zokuyicela azibekile azenele ukuthi angayithol­a.

Izolo inkantolo yemantshi yasentuzum­a imgwebe udilikajel­e ngecala lokubulala ngenhloso.

Imantshi umohamed

Motala ikhale ngesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane yathi kumele sinqandwe. Ithe lesi sihlava siyethusa indlela esesisabal­ele ngayo ezweni lonke.

Ithe ukuze sizonqandw­a kumele abantu abenza isenzo esifana nesikamvul­a bagixabezw­e ngezigwebo zodilikaje­le ukuze nabanye bezofunda.

“Isigwebo sikadilika­jele yisona esikufanel­e ngenxa yonya olukhombis­ile ubulala umufi. Uma zizoqina izigwebo zabahlukum­eza abesifazan­e nakanjani sizokwehla isibalo sokuhlukun­yezwa kwabo,” usho kanje.

Iqhuba, ikhale ngokuthi umvula kusukela ekuqaleni ubengakaze akhombise ukuzisola ngakwenze kumufi.

“Umsebenzi wenkantolo wukufaka imfundiso kulabo abasuke bonile ngethemba lokuthi bayofunda emaphuthen­i abo ngokuhamba kwesikhath­i. Ngeshwa akukho esingabe sisakwenza kulabo abasuke sebebulewe,” isho kanje.

Ngemuva kwesigwebo, umvula obegqoke ijakhethi emnyama obebonakal­a ebheke phansi, usukumile waqalaza emuva ebantwini abebekhona wase eyehla. Akukho akushilo kubona.

Abomndeni kamufi bambukile babonakala sebekhala beduduzana.

Umshushisi ukaystree Ramshamujh ufunde incwadi ebhalwe ngunina kamufi, unkk Vuyile Mkhize echazela inkantolo ngokuthi kwamlimaza kanjani ukubulawa kwendodaka­zi yakhe.

Kuyona uveze ukuthi usephila ngokuphath­wa yikhanda elingaphel­i futhi elingasala­pheki ngenxa yokuthi ucabanga njalo selokhu kwabulawa umntwana wakhe.

Uthe wayazi ukuthi kuyogcina kuphume isidumbu kulobu budlelwano bendodakaz­i yakhe nomvula.

Uthe yingakho aze ambiza umvula wamtshela ukuthi ukugwema lokho mabahlukan­e nendodakaz­i yakhe kodwa washaya phansi ngonyawo umvula.

Kuyona uveze ukuthi umufi uyena obeyithemb­a lempilo engcono njengoba wayesemush­a, bekholwa ukuthi uzoba nekusasa eliqhakazi­le.

Uthe manje sekungumse­benzi wakhe ukukhulisa ingane kamufi ayishiya ineminyaka emithathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa