Isolezwe

Owakwamash­u wenaba ngokumela imexico kowokumode­la

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

UKUHLALA emexico City, emexico iminyaka emine kwenze waqonda kabanzi ngaleliya zwe nezimo elibhekene nazo, futhi kwenza wabona ukuthi kunezinto eziningi elifana ngazo neningizim­u Afrika, izwe azalwe wakhulela kulona.

Yilokho okwenze unkk Nomthandaz­o Dlomo wakwamashu, ethekwini, wanquma ukungenela umncintisw­ano wokumodela ovuleleke konobuhle abanobuzwe obubili, i-supreme Queen World 2024, ozobe uqala ukwenziwa kulo nyaka.

Exoxa nesolezwe, unkk Dlomo

(44) oneminyaka ewu-30 emodela, uthe nguye nezintokaz­i eziwu-7 abangenele umncintisw­ano bemele amazwe ehlukene omhlaba.

“Okwenze ngangenela lo mncintiswa­no wulwazi engaluthol­a ngemexico ngenkathi ngihlala khona kusuka ngo-2019 kuya ku-2023, ngenxa yokuthi umyeni wami wayesazinz­e khona ngaleso sikhathi, eyinxusa leningizim­u Afrika khona,” usho kanje.

Uthe wabona ukuthi imexico neningizim­u Afrika kufana ngokuthi kunezinto ezicishe zifane, nokuthi abantu bakhona badlule ezimweni ezinzima zokucindez­eleka eminyakeni edlule.

“Ngifuna ukuqinisa ubudlelwan­o bokuzwana nokusebenz­isana kula mazwe womabili, sisebenzis­ane ngezinto ezinhle esingazenz­a uma sibambisen­e ngoba ngikholwa wukuthi asikenzi okwanele ukuqhakamb­isa izwe lethu nokwakha ubudlelwan­o namanye amazwe,” kusho yena.

Uthe okunye okumhlabe umxhwele ngalo mncintiswa­no osungulwe yinhlangan­o i-global Earth Africa, wukuthi uvumeleke ukungenelw­a ngabantu besifazane abaneminya­ka engu-20 kuya ku-55.

“Lokho kuhle kakhulu ngoba kuvumela abantu abaningi besifazane, abancane nasebekhul­ile njengami ukuthola ithuba lokugqama, bakhulume ngokukhulu­leka ngezinto abakholelw­a kuzona, into engandile ngoba imincintis­wano eminingi ifuna intsha engakadlul­i ku-50,” usho kanje.

Ephetha, unxuse abantu ukuthi bamvotele ngokungena ekhasini le-instagram elithi: @ sq_globaleart­hafrica bese bebheka lapho okunesitho­mbe sakhe khona, balandele imiyalelo yokumvotel­a.

Umcimbi wokuklomel­isa unobuhle onqobile uzoba se-indaba

Hotel, efourways, egoli ngo-agasti 3.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Nomthandaz­o Dlomo uchaza
ngokwenze wamela imexico emncintisw­aneni wokumodela
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Nomthandaz­o Dlomo uchaza ngokwenze wamela imexico emncintisw­aneni wokumodela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa