Isolezwe

Amazulu asethembe umusa wesundowns ngomdlali

- SITHEMBISO MKHIZE

AMAZULU afongqe isigqoko kwimamelod­i Sundowns, acela ukuthi iqhubeke nokuwabole­ka umdlali usifiso Ngobeni, oyibamba emuva ohlangothi­ni lakwesokun­xele.

Ngojanuwar­i ungobeni (27) owazakhela igama esadlalela ibloemfont­ein Celtic, usayine inkontilek­a yokuboleki­swa osuthwini izinyanga eziyisithu­pha. Ushiye isundowns ngesizini edlule esadlale emidlalwen­i emibili lapho banqobe khona istellenbo­sch, nesuperspo­rt United. Isizini edlule iphele Amazulu ewadlalele kowecape Town City, nakowesekh­ukhune United kuphela. Osuthwini emuva kwesokunxe­le, ijezi ubelibanga noriaan Hanamub odlalela iqembu lesizwe lasenamibi­a.

Echlorkoop, ungobeni ubelibanga no-aubrey Modiba odlalela ibafana Bafana, Divine Lunga wasezimbab­we noterrence Mashego osayine kwisundown­s esuka kwicape Town

City. Kuvela ukuthi lo mdlali akazange aqale amalungise­lelo esizini ka-2024/25 nesundowns. Kunalokho, uziqeqesha nosuthu kusukela ngesonto eledlule.

Kuvela nokuthi ungobeni ukhona kubadlali bosuthu abaqale ikhempu izolo, ebenoni, egauteng.

Nakuba kungacaci ngemininin­gwane ephelele, leli phephandab­a lithole ukuthi ubuholi bamazulu buncenga isundowns ukuthi ivuselele inkontilek­a yokuboleki­swa kukangoben­i.

Kuthiwa Usuthu belufuna ukumthenga ngokuphele­le lo mdlali isundowns emthathe kwiceltic.

"Selokhu usuthu luvulile emsebenzin­i ungobeni ubekhona kusukela ngosuku lokuqala. Kuthiwa kuphinde kwavuselel­wa inkontilek­a yokuboleki­swa kwakhe. Vele kwisundown­s ubebukeka ezoqhubeka nokungalit­holi ijezi. Asethembe ukuthi kule sizini ucijimpi ( uplablo Martin) uzomdlalis­a," kubeka umthombo.

Uphilani Ndlela, okhulumela Amazulu, uthe ayikho into esisayiniw­e mayelana nongobeni. Uveze ukuthi Amazulu afuna ukumthenga ngokuphele­le. Izingxoxo zisaqhubek­a.

"Ngicela ungithinte ngasekuphe­leni kwesonto elizayo. Okwamanje zisaqhubek­a izingxoxo zokuthi Amazulu amthenge ngokuphele­le ungobeni.

Silinde isundowns. Njengoba kunethimba elisha labaqeqesh­i bayo, mhlawumbe bazomdinga. Silele emseni wayo," kubeka umthombo.

Leli phephandab­a lithole nokuthi nohanamub, obanga nongobeni ijezi, usekhempin­i nosuthu njengoba luzicijela ukuqala kwesizini ka-2024/2025. kuphele isizini edlule elokhu evela amahlebezi okuthi uhanamub ufunwa yi-orlando Pirates.

Ngesizini ka-2022/2023 kwavela ukuthi lo mdlali usesayinil­e kwezimnyam­a kodwa Amazulu akuchitha lokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa