Isolezwe

Amajunior Boks azobuya nabasha kuwafawafa ne-england

- XOLILE MPISANE

KWENZIWE izinguquko eziyisikho­mbisa eqenjini lesizwe lombhoxo labesilisa lika-under-20 elizodlala umdlalo wamaqoqo obucayi weworld Rugby Under-20 Championsh­ip ne-england kusihlwa.

Amajunior Boks ne-england bazodudula­na emdlalweni kapool C okufanele awunqobe ozoqala ngo-7 e-athlone Stadium ekapa.

Iqembu lakuleli liwuqale kahle lo mqhudelwan­o ngokuqumba phansi ifiji ngo 57-7. Nokho alikwazang­a ukuwubamba lowo mgqigqo emdlalweni wesibili lapho linqotshwe khona yi-argentina ngo 31-12.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu, eliphekwa ngubafana Nhleko, lisendawen­i yesibili eqoqweni lalo ngamaphuzu amahlanu. Alingana nawe-argentina esendaweni yesithathu.

I-england isaqhwakel­e kupool C ngamaphuzu angu-10 kulandela ukunqoba i-argentina ngo 40-21, nefiji ngo 48-11.

Unhleko wenze izinguquko ezintathu kwabazoqal­a emuva. Ulukhona Finca ungene endaweni kajoel Leotlela ephikweni lwangakwes­okudla, umichail

Damon angene esikhaleni sikabruce Sherwood kwi-fullback bese ujosh Boulle engena endaweni kaphillipa­lbert van Niekerk kwi-inside centre.

Phambili kukhishwe uruan Swart kwafakwa ucasper Badenhorst kwi-loosehead prop, uthomas

Dyer uzoqala kwi-lock, usibabalwe Mahashe angene kwi-flank bese uthabang Mphafi ethatha ijezi eliwunombo­lo-8 kwi-looseforwa­rd.

“Okusemqoka kithina wukuthi sigxile ezinhlelwe­ni zethu, silungise amaphutha esiwenze sibhekene ne-argentina. Kufanele senze isiqinisek­o sokuthi sibuyisa umfutho wethu futhi siqine ngokomqond­o kulo mdlalo omqoka kangaka,” kusho unhleko.

“Siwulungel­e ngokuphele­le lo mdlalo njengoba sazi kamhlophe ukuthi ubaluleke kangakanan­i. Sikulungel­e ukubhekana neqembu le-england eliyingozi futhi elizethemb­ayo ngenxa yokunqoba imidlalo emibili.”

“Abadlali bayaziqhen­ya ngokumela iningizimu Afrika futhi bahlose ukwenyusa izinga kulo mdlalo.”

Amaqembu azoqhwakel­a emaqoqweni womathathu azodlulela kweyandule­la owamanqamu, ehambisana neqembu elizoqeda endaweni yesibili ngamaphuzu angcono kunamanye.

Iqembu lamajunior Boks elizobheka­na ne-england kusihlwa:

Abazoqala: 15 Michail Damon, 14 Likhona Finca, 13 Jurenzo Julius, 12 Joshua Boulle, 11 Litelihle Bester, 10 Liam Koen, 9 Asad Moos, 8 Thabang Mphafi, 7 Bathobele Hlekani, 6 Sibabalwe Mahashe, 5 JF van Heerden, 4 Thomas Dyer, 3 Zachary Porthen (ukaputeni), 2 Luca Bakkes, 1 Casper Badenhorst.

Abasebhent­shini: 16 Ethan Bester, 17 Liyema Ntshanga, 18 Herman Lubbe, 19 Jaco Grobbelaar, 20 Tiaan Jacobs, 21 Divan Fuller, 22 Tylor Sefoor, 23 Phillip-albert van Niekerk.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa