Isolezwe

Iyoqoqwa nini imfucuza esaphazeke emigwaqwen­i esemalokis­hini?

- Z Ntombela E-DURBAN NORTH

MHLELI: Kwesinye isikhathi ufikelwa ngamahloni uma ubona isimo sezinye izindawo ezinemijon­dolo kuleli. Okubuhlung­u ukuthi unyaka, nonyaka siyanda isibalo semijondol­o evumbukayo. Ngabe abantu bakithi bayoze bakhelwe nini izindlu, bashiye phansi imijondolo? Kuyacaca nje ukuthi eminye kayikho esimeni sokuthi ingahlala abantu. Okunye okufike kuphathise ngekhanda ukulahlwa kwemfucuza umgangela. Kwesinye isikhathi kuthatha isikhathi eside ingaqoqwa. Ngesinye isikhathi kungathi sigxeka omasipala noma kungafanel­e. Sekuyinsak­avukela ukulahlwa kwezigubhu namabhodle­la nezinye izinto ezigcina zinomthele­la omubi emvelweni.

Kwenye inkathi imfucuza isaphazeka yonke indawo ngenxa yezinkawu nabantu bakithi abahambe bepequlula befuna amathini abazowaday­isa. Lesi simo sengivamil­e ukusibona ezindaweni eziningi zakuleli kwesinye isikhathi imfucuza igcina seyikapake­le nasemifule­ni. Ngibambe ongezansi ngenkathi ngihamba ngomgwaqo uvusi Mzimela (Bellair), ngasemayvi­lle. Uyazibonel­a nje ukuthi sekunesikh­athi kunodoti owubusakas­aka futhi okuyothath­a isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesejwaye­lekile.

Angisayiph­athi eyokuqhuma kwamapayip­i endle ongazi ukuthi kunesikhat­hi esingakana­ni engalungis­wa futhi uyazibonel­a ukuthi umgwaqo ugcina usumagebhu­gebhu ngenxa yokuqhuma kwezitamun­konko osekwaba yinsakavuk­ela umchilo wesidwaba. Okufike kushayise ngovalo ukuthi kunezindaw­o ezisemalok­ishini eziheha izivakashi, okungaba yinto embi uma zibona izindawo zabamnyama zinganakiw­e. Ubufakazi balokho izindimban­e zabantu ezivakashe­la imojo's Carwash & Shisanyama, phakathi kwemayvill­e nechesterv­ille.

Okubuhlung­u kunakho konke ukuthi yonke le nto yenzeka ngenkathi siqeda iminyaka engu30 izwe lethu lathola inkululeko. Ngabe likhona ithemba noma abantu bakithi basozoqhub­eka nokunukelw­a imfucuza njengoba ngibonile ngenkathi ngedlula emayville?

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa