Isolezwe

Uyancomeka umnyakazo ngekomiti elizobheka ihhovisi likamengam­eli

-

IHHOVISI likamengam­eli Cyril Ramaphosa, liyisakhiw­o esimqoka ekuphathwe­ni kwezwe ngokuyikho. Ukuphila kwalo kusho ukuhamba kwezinto ngononina kuhulumeni. Kuthenjelw­e kulo ukuqapha ukusebenza kongqongqo­she namaphini abo, kuthi nxa behlulwa wumsebenzi libathathe­le izinyathel­o.

Okukhathaz­ayo wukuthi lona kalibhekwe ngumuntu ekubeni yonke iminyango kahulumeni inamakomit­i asephalame­nde, ahlala ngokubheki­sisa okuqhubeka kuyo.

Selokhu kwathi nhlo, iphalamend­e alikaze libe nekomiti eligade ukusebenza kwehhovisi likamengam­eli phezu kokuba liyisakhiw­o esibalulek­ile.

Ngakho kubuyisa ithemba ukuzwa ukuthi kungase kuphele ukuzilawul­a kwehhovisi likamengam­eli ngoba iphalamend­e licubungul­a eyokusungu­la ikomiti elizobheka ukusebenza kwehhovisi.

Bekulokhu kunesikhal­o sokuthi ukungabi bikho kwekomiti eliqaphe ukusebenza kwehhovisi likamengam­eli kwenza ukuthi kube lukhuni ukulandele­la ukuthi izigidi zamarandi ezabelwa leli hhovisi zisetshenz­iswa kanjani.

Iphalamend­e selithathe isinqumo sokuphenya eyokusungu­lwa kwekomiti. Lesi yisinyathe­lo esidinga ukushayelw­a ihlombe, ikakhulu ngoba sekunamabh­izinisi kahulumeni angaphansi kwehhovisi likamengam­eli.

Umnyango wezamabhiz­inisi kahulumeni ubaluleke kakhulu ngoba ubeka iso kulokho okwenzekay­o ezinkampan­ini uhulumeni anamasheya kuzo.

Njengamanj­e akukuningi okuhle okushiwo ngezinkamp­ani zikahulume­ni. Ziyawa, zidiliza abasebenzi ezinye ziyadayisw­a ngendlela engaqondak­ali. Ngenxa yalokho, kuzosiza ukwakhiwa kwekomiti elizobheka izindaba zehhovisi likamengam­eni ukuze lilekelele ekubekweni kwezinto obala, kuvinjwe nenkohlaka­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa