Isolezwe

Kuvalwe ngehlahla ngegciwane elihamba nendle amabhishi etheku

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

UPHIKO lokucwanin­ga ngezamanzi edurban University of Technology (DUT), i-institute for Water and Wastewater Technology (IWWT) luthi igciwane elaziwa nge-ecoli yilo elishaya idadamu emabhishi athile etheku, ngaleyo ndlela abantu abaphume baphele kuwo.

Ngokusho komqondisi WE-IWWT, usolwazi Faizal Bux, ukuhlola kwabo kubavezele ukuthi awu-14 amabhishi anamagciwa­ne ayingozi umsuka wawo yindle.

Uthe kulawo mabhishi bathole ukuthi awu-11 awo okukhona kuwo iballito Tidal Pool, Westbrook Beach, Umdloti Beach, Glenashely Beach, Virginia Beach, Umgeni River, Umgeni River Mouth,

Laguna Beach, Country Club Beach, Bay of Plenty, ne-addington Beach anesilinga­niso esiphezulu segciwne elibizwa nge-escherichi­a coli (E.coli).

Ubux uveze ukuthi yibronze Beach nomhlanga Lighthouse kuphela amabhishi anesilinga­niso esamukelek­ile se-e.coli, bese kuba yishaka Beach enesilinga­niso esiphansi saleli gciwane.

“Uma uqhathanis­a namanye amabhishi asethekwin­i, yishaka Beach kuphela ekhombise ukuba nesilingan­iso esiphansi se-e.coli.

Kulawa amanye amabhishi awu-11 kuvele ukuthi isimo sawo siyakhatha­za kakhulu, futhi ososayensi BE-IWWT beluleke abantu ukuba bangawaseb­enzisi ukuzijabul­isa kuwona kuze kube wukuthi kwehla leli gciwane kuwona,” kusho ubux.

Uqhube wathi umlando ukhombisa ukuthi Umgeni River uhlale unesilinga­niso esiphezulu saleli gciwane, okuwubungo­zi okukhulu.

Uthe uphiko lwabo lwezamanzi luhlale luhlola ukuba sezingeni elifanele kwamanzi njalo ngamaholid­i ukusiza ukubhekele­la ukuphepha komphakath­i.

Kuthintwa okhulumela umasipala wetheku, unkk Gugu Sisilana, ucele ukuthi bathunyele­lwe imibuzo nge-email, bese benikwa okungenani amahora awu-24 ukuphendul­a.

 ?? Isithombe:
SHELLY KJONSTAD ?? I-LAGUNA Beach ngelinye lamabhishi okwexwayis­wa abantu ukungawase­benzisi ngoba anamagciwa­ne. Okungenani bangabhuku­da kwi-swimming pool ekule ndawo
Isithombe: SHELLY KJONSTAD I-LAGUNA Beach ngelinye lamabhishi okwexwayis­wa abantu ukungawase­benzisi ngoba anamagciwa­ne. Okungenani bangabhuku­da kwi-swimming pool ekule ndawo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa