Isolezwe

Kuyaphela ngabaseben­zi BE-EPWP ethekwini

- KHULEKANI MASEKO

AMAQEMBU ezepolitik­i aphikisayo kumasipala wasethekwi­ni, asola I-ANC ngokuhlinz­ela ezibini amakhulu abasebenzi abaqashwe ohlelweni i- Expanded Public Works Programe (EPWP). Sekubikwe ukuthi bazohola okokugcina ngokuphela kwale nyanga ngoba kuthiwa zingavusel­wa izinkontil­eka zabo, umasipala ubalisa ngezindlek­o.

Encwadini eputshukil­e, ebibhalelw­e iziphathim­andla zangaphaka­thi kumasipala ezibhekele­le lolu hlelo, kuvela ukuthi emhlanganw­eni obungenyan­ga edlule, kwadingidw­a ukuthi uhlelo oluphethwe wumnyango wezemisebe­nzi yomphakath­i ludla R297 million ngonyaka kumasipala. Kuthiwa isibonelel­o salo mnyango esinikezwa umasipala sincishisw­e safinyelel­a ku-r18.7 million, okusho ukuthi umasipala kumele ubeke eceleni u-r278.3 million wokuhlanga­beza izindleko.

Kule ncwadi kubhalwe ukuthi imenenja kamasipala nesikhulu esiphezulu esibhekele­le ukusebenza kwemali kuwona baveze ukuthi ayikho imali okuholele ekutheni kunqunywe ukuthi ngojulayi, 25 nonyaka bonke abasebenzi abasohlelw­eni bazohola okokugcina.

I-actionsa NE-EFF, bathi lokhu kuzoshiya inqwaba yabantu ingenawo umsebenzi nedolobha itheku nezindawo ezakhelene nalo zisesimeni esingesihl­e ngoba umasipala awunabo abasebenzi abenele ukubhekana nemisebenz­i okubalwa kuyo ukugcina idolobha lihlanzeki­le.

Umnuz Themba Mvubu WE-EFF, uthe lokhu kuyaziveza ukuthi uhlelo lolu lwalubanjw­e ngamabomu YI-ANC ngenhloso yokunxenxa amavoti, emva kwalokho uhulumeni wobumbano okhona usuqalile ukukhombis­a ukuthi awunendaba nabantu.

“Lena yimali yesibonele­lo eqhamuka ehhovisi likamgcini­mafa kazwelonke kuhulumeni omkhulu. Kwenzeka kanjani ukuthi kwandiswe isibalo songqongqo­she kwikhabhin­ethi okuzodla amabillion, bese kuqedwa imisebenzi ebantwini abayidinga ngempela ukuxosha ikati eziko? Esikhathin­i esinzima kakhulu kubantu bakithi abayizinku­lungwane, ababhubhis­wa yinkemane ukuze kudle iziqumama ziqhubeke nokuphila ntofontofo ngoba nakhu ukhetho seludlulil­e sebeqalile bayaziveza ukuthi bangobani,” kusho umvubu.

Umnuz Zwakele Mncwango we-actionsa, uthe uhlelo lwavuselwa ngodisemba nyakenye umasipala usukuvezil­e ukuthi awunayo imali okwathi uma bebuzwa ngokuthi pho bazoluqhub­a kanjani, bangena ezintangen­i.

“Kuyacaca ukuthi kugenjulwa ngempilo yabantu abathembel­e kulolu hlelo ukondla imindeni. Konke abakwenza belivusele­la babenzela ukunxenxa amavoti ebantwini manje ukhetho seludlulil­e. Wumsebenzi kamasipala ukugcina idolobha lihlanzeki­le kodwa ngendlela owenza ngayo kungathi wenzela laba basebenzi umusa nje ekubeni kufanele vele uqashe isibalo esanele ukwenza lo msebenzi,” usho kanje.

Uthe emhlanganw­eni wamakhanse­la olandelayo, bazophakam­isa ukuthi kungaqhube­ki ukumiswa kwabaseben­zi futhi ngaphambi kokuthi bamiswe, ababizwe bonke ndawana thile babalwe. Wathi lokhu kuzoveza obala ukuthi isibalo sabasebenz­i sincane kakhulu kunalesi esibhalwe phansi njengoba ekholelwa ukuthi yinqwaba yezipoki eziholelwa kulolu hlelo okugcina sekulimaza abantu abawudinga ngempela umsebenzi.

Imizamo yokuthola izinyunyan­a zabasebenz­i kulo masipala ayiphumele­langa.

Kuze kwashaya nesikhathi sokushicil­ela kungathola­kalanga nokuphawul­a kukamasipa­la wetheku.

 ?? ?? KUZOLALA ikati eziko emizini eminingi ebisizakal­a ngokutohoz­a ngaphansi kohlelo I-EPWP lukamasipa­la wetheku njengoba kuphelile ngohlelo
KUZOLALA ikati eziko emizini eminingi ebisizakal­a ngokutohoz­a ngaphansi kohlelo I-EPWP lukamasipa­la wetheku njengoba kuphelile ngohlelo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa