Isolezwe

Kukhethwe abazomela uzulu kowendoni

- NOKUBONGWA PHENYANE

BATHEMBISA ukuzimisel­a kukhona konke abazoqeqes­hwa ngakho, abakhethwe njengabazo­mela ikwazulu-natal emncintisw­aneni kazime umiss Ndoni emcimbini obusendoni Village, erichmond, ngempelaso­nto.

Untobeko Mkhize nozasembo Mkhize basemgungu­ndlovu bebeyingxe­nye yentsha eqhamuka kulesi sifundazwe ebihleli isonto lonke erichmond, lapho bebeqeqesh­wa khona ngezinto ezehlukene ezithinta amasiko akwazulu.

Njengoba bekungamah­olidi asebusika, abahleli bendoni bebehlanga­nise intsha kuzona zonke izifunda ukuze izoqeqeshw­a bese kukhethwa abazomela izifundazw­e emcimbini omkhulu wokuvala unyaka. Ekhuluma ngokukheth­wa kwakhe uzasembo, uthe ujabule ngokuqokwa njengoba ebefuna ukwazi ngamasiko.

“Bengingakw­azi okuningi ngezinto ezazenziwa kudala, ngakho ngikhethe ukucela ekhaya ukuthi ngizohlang­anyela nenye intsha futhi lokho kungisize kakhulu njengoba lukhona ulwazi engiluthol­ile futhi ngabuye ngaqokwa njengozome­la isifundazw­e, kimi okube yinjabulo,” kusho uzasembo.

Untobeko uthe naye ujabule ukuzomela izinsizwa zonke zakwazulu-natal.

“Bengifuna ukuzofunda ukuthi kumele siziphathe kanjani njengabant­u besilisa. Bengidinga ukwazi ukuthi kubaluleke ngani ukwazi amasiko futhi njengabant­u besilisa kumele siziphathe kanjani emphakathi­ni nasemakhay­a nje uma singabesil­isa abadala,” kuchaza untobeko.

Echaza ngokuvalwa kwalo mbuthano udkt Nomcebo Mthembu uthe bazoqhubek­a nokufundis­a abantu abasha ukuze bazazi ukuthi bangobani futhi bazigqaje ngabayikho.

“Kuzona zonke izingqinam­ba ababhekana nazo emphakathi­ni ikakhuluka­zi ezimbi, thina sizoba yimpendulo yazo. Isintu kumele sibe yimpendulo entsheni, ingasikhoh­lwa. Namhlanje njengoba beqeda ukuqeqeshw­a abakuthole isonto lonke sithi bakusebenz­ise abakufundi­le, siyabonga nakothisha akade bebafundis­a izinto ezehlukene kuzona zonke izifundazw­e, isiyohlang­ana ngosuku olukhulu lapho siyobe sesikhetha khona uzime wethu wanonyaka,” kuchaza yena.

Uthe abakufundi­le umlando wezizwe abasuka kuzo, imisebenzi yasemakhay­a eyayenziwa kudala engasenziw­a kakhulu manje.

Uveze ukuthi abesilisa babaqeqesh­e kakhulu ngesihlava esihlasele muva nje sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane

nezingane.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDKT Nomcebo Mthembu ehalalisel­a untobeko Mkhize nozasembo Mkhize basemgungu­ndlovu abazomela intsha yakwazulu-natal emcimbini wendoni wanonyaka
Isithombe: SITHUNYELW­E UDKT Nomcebo Mthembu ehalalisel­a untobeko Mkhize nozasembo Mkhize basemgungu­ndlovu abazomela intsha yakwazulu-natal emcimbini wendoni wanonyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa