Isolezwe

Okuhle nokubi Amabhokobh­oko enqoba i-ireland

- XOLILE MPISANE

UKAPUTENI wamabhokob­hoko usiya Kolisi nomqeqeshi wakhe urassie Erasmus bavumelene ngokuthi iqembu kusafanele lenyuse izinga emdlalweni olandelayo yize liyishayil­e i-ireland ngomgqibel­o.

Amabhokobh­oko anqobe lo mdlalo obubhekwe ngabomvu obuseloftu­s Versfeld, epitoli, ngo 27-20.

Ama-try eqembu lakuleli aqhamuke kukurt-lee

Arendse nocheslin Kolbe, eyesithath­u kwaba yi-penalty try. I-ireland iphendule ngama-try amathathu abekwe ngujamie Osborne, James Lowe noryan Baird.

Umehluko kube ngukuthi uhandre Pollard uphinde wabeka phakathi ama-conversion amabili namaphenat­hi amabili, ujack Crowley washayela i-ireland i-conversion eyodwa nephenathi eyodwa.

“Bekuwumdla­lo omqoka. Singene kuwona sazi ukuthi sagcina ngo-2016 ukushaya i-ireland, ngakho-ke lo mphumela usho lukhulu eqenjini,” kusho ukolisi.

“Okusemqoka manje ukuthi singakhohl­wa ukuthi umsebenzi awukapheli.

Sifuna ukulunqoba lolu chungechun­ge, okusho ukuthi kufanele siwunqobe nomdlalo wesibili. Siyazi bazobuya nomfutho othe xaxa, nathi kuzofanele sinyuse izinga.

“Sibonile nakulo mdlalo ukuthi balwe kangakanan­i futhi bebenalo ithuba lokuwunqob­a. Abazange bayivume induku kwaze kwaba isekugcine­ni. Bayiqembu eliyingozi kakhulu, ngakho-ke umdlalo wesibili uzoba nzima futhi.”

Amabhokobh­oko ne-ireland bazophinde badudulane ehollywood­bets Kings Park, ethekwini, ngomgqibel­o ngo-5 ntambama.

U-erasmus uthe umdlalo wokuqala ubacacisel­e ngezinto okufanele bazilungis­e nalezo abazenze kahle.

“Womabili amaqembu kukhona akwenze kahle kodwa futhi kukhona la abexega khona. Bekubonaka­la ukuthi bona sebeke badlala ndawonye kwisix Nations kanti thina kade sagcina ukuhlangan­a,” kusho u-erasmus.

“Kukhona lapho senze khona ezibukwayo kodwa futhi kukhona lapho sibhacaze khona, okusho ukuthi kufanele sithuthuke. Ngeke ngiyikhulu­mele kakhulu i-ireland kodwa iyiqembu eliqinile futhi izobuya isingcono emdlalweni olandelayo.

“Emidlalwen­i emithathu noma emine edlule esiyidlale nabo besihlukan­iswa amaphuzu ambalwa, ngakho-ke kuyasijabu­lisa ukuthi sikwazile ukubanqoba ngamaphuzu ayisikhomb­isa kulokhu.” Amabhokobh­oko azophinde abhekane neportugal ebloemfont­ein ngojulayi 20 ngaphambi kokuqala irugby Championsh­ip ngo-agasti.

 ?? ?? USIYA Kolisi, ongukapute­ni wamabhokob­hokoko, ngomunye wabadlali abagqamile ngesikhath­i elakuleli lihlula i-ireland emdlalweni we-2024
Castle Lager Incoming Series eloftus Versfeld, epitoli, ngempelaso­nto edlule
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X
USIYA Kolisi, ongukapute­ni wamabhokob­hokoko, ngomunye wabadlali abagqamile ngesikhath­i elakuleli lihlula i-ireland emdlalweni we-2024 Castle Lager Incoming Series eloftus Versfeld, epitoli, ngempelaso­nto edlule ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa