Isolezwe

Ithuba likabroos lokugeza insila eqaqele ibafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUQHATHWA kwebafana Bafana namazwe angenasith­unzi ebholeni lase-afrika ku-group K wemidlalo yokuhlunge­la i-africa Cup of Nations (Afcon) esemorocco ngonyaka ozayo kunika umqeqeshi, uhugo Broos, ithuba lokukhucul­ula insila eqaqele leli qembu lesizwe.

Ibafana, eqhathwe ne-uganda, Congo-brazzavill­e nesouth Sudan kuleli qoqo, inomlando wokushaya udaka uma ibhekene namazwe angazelwa lutho ebholeni lomhlaba kodwa ivuke indlobane uma iqhathwe nalawa athathwa njengamakh­ulu.

Eminyakeni edlule ibafana isale ngaphandle emiqhudelw­aneni emqoka ngoba isuke ishaywe ngamazwe obekusuke kungalinde­lekile ukuthi ayithele induku.

Ngenxa yalokhu, kuhlale kunovalo uma leli qembu liqhathwe namazwe athathwa njengamanc­ane.

Kumanje ibafana ayihleli ngokukhulu­leka eqoqweni lalo lokuhlunge­la indebe yomhlaba ka-2026 ngoba ishaywe yirwanda kowokuhlun­ga.

Kuleli qoqo kukhona inigeria, ibafana esidlale nayo ekuhambeni kodwa yabuya nephuzu.

Kusukela ubroos ethathe lo msebenzi, ibafana ilokhu ilubuyise njalo udumo lwayo lweminyaka edlule okufakazel­wa yindondo yethusi ye-afcon.

Ngesikhath­i ekhuluma nethimba lesouth African Football Associatio­n (Safa) labezindab­a emuva kokutonyul­wa kwamaqembu, ubroos ukucacisil­e ukuthi ngeke balithathe kancane leli qoqo.

“Indlela esesikhule ngayo kusukela ngifika nesikwenze kwi-afcon, kukhomba ukuthi kufanele sikwazi ukuzibekis­ela indawo emorocco ngonyaka ozayo,” kusho ubroos.

“Nakuba ngikusho lokhu kodwa akuchazi ukuthi kuzozenzek­ela. Iphutha esingalenz­a ukuzithela ngabandayo ngoba sibuswa ukuthi singcono kunamazwe esiqhathwe nawo.

“I-uganda idle ngezikhwep­ha ngakho-ke uma uzokhumbul­a ukuthi abadlali bethu bayiluphi uhlobo kuzokucace­la ukuthi izosizothw­alisa kanzima.

“Kwicongo kuzoba inkinga ehlukile ngoba bathi abadlale ngendlela esidlala ngayo. Kuzosithwa­lisa kanzima lokhu ngoba kuzofana nokuthi sidlala nabantu abasaziyo.

“Abaningi bangakubon­a kukuhle ukuthi akukho esikwazela isouth Sudan kodwa kimina lokhu yikhona okuyingozi kakhulu ngoba yona yazi konke ngathi,” kulandisa lo mqeqeshi esebelgium.

Ubroos uyabethemb­a abadlali bakhe futhi ngeke yena nethimba lakhe bazithele ngabandayo kusukela manje.

“Uzoqala maduze umsebenzi wokuqoqa ulwazi esiludinga­yo ngamazwe esiqhathwe nawo. Ithimba lami lenza umsebenzi omangalisa­yo kwezobunhl­oli.

“Uma selikwenzi­le lokhu, kuba lula ukuthi ulwazi siludlulis­ele kubadlali bonke.

“Ibafana ingazifaka kwi-afcon yasemorocc­o kodwa konke kuzoncika ekutheni ayiwenzi amaphutha ewenze eminyakeni edlule,” kuphetha ubroos.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa