Kuyenzeka izibongo ziganiselane kodwa nobuhlobo bube baziswa
MHLELI: Ukungabi naso isikhathi kwenza ngashaya ngamafuphi ngomahlobo kaqwabe, ngingazi-ke ukuthi baningi abangazi ngokuhlobana kwethu nabakwaqwabe. Okunye ukudideka kwaba ukuthi ngingabe ngisazibala ezinye izibongo.
Futhi-ke kuyomele sikuveze ukuthi isabelo sakwantombela ukuthi sivikele umlando kazulu noqwabe.
Sibuye sikuveze ukuthi umahlobo wayenogazi oluyisimanga, konke lokhu kwakubangwa ukuthi wayezalwa inkosana uqwabe. Kumele isizwe sazi ukuthi izibongo zinabantu ezibaqokayo ukuthi bakhulume ngemidati esuke isezibongweni zabo.
Abanye abantu abafuni kube nomuntu ozogagamela noma abe wugabagaba kunoma yini esuke ithinta imilando yabo engayitholile imvume kubona. Kodwa-ke noma kunjalo kubalulekile ukuthi amaciko aphonse esivivaneni ngenhloso yokusiza isizwe.
Kumele sazi ukuthi kunezinye izinto eziyimicikilisho emilandweni, yingakho-ke osomlando kumele babe yiso lesizwe.
Eminye imilando ifuna umuntu onendiki, osuke ezokwazi ukuthwebula zonke izibongo eziphuma kwaqwabe, emthandeni noma ezihlobana nosishosho sikamalandela (ontombela).
Ngaphambilini, ngakubalula ukuthi sizithakazela ngomahlobo ngoba ezalwa inkosana kamalandela, uqwabe.
Yize ngiphuma olibeni lwesilo unkosinkulu kodwa ngiyamazisa umahlobo njengoba ezalwa inkosana uqwabe kamalandela engumnewabo kazulu.
Ngibuye ngimazise udlukula ongukhokho wami ngoba nguye ophume isibongo sakwantombela ngenxa yokuhlonipha umlando wenkosi untombela.
Konke lokhu uyakuthola emahubeni akwantombela, ikakhulukazi kwabendlu kaziningo kazwana kadlukula okuyibona abamazi nezinqotho zakhe udlukula.
Kumele ngibuye ngikubalule ukuthi kusengabakithi laba abazibiza ngomahlobo, abasophongolo olumanzi abomvu, ngoba bazalwa umgamule kanzobo kasobadli kadlukula
Ntombela. Usungabona-ke ukuthi umlando uziphinda kanjani uma laba bakwamahlobo, benkosi umandlakayise kamfuneni kankanankana kamaphungwana kamgamule Ntombela bephuma kudlukula Ntombela.
Kumele ngikubalule ukuthi kuyenzeka ezinye izibongo ziganane kodwa lokho okungasho ukuthi abaziswa ubuhlobo. Nangu nje umntwana umcwayizeni Zulu, uganwe kwantombela, kwabendlu kazwana-izwi kadlukula. Nomntwana udabulamanzi kampande uzalwa kwaqwabe yize uzulu engumfowabo kaqwabe.
Kumele ngikubalule ukuthi abakwamahaye kusengabakwethu, ngifike ngivube ngisho amasi uma ngizivakashele lezi zikanodange kamningiza kampikwane Mahaye. Abanye abasaphuma kunodange odumile, abakatana kamgebhu kanoqhakala Mahaye.
Ngiyawavuba amasi nakwabendlu kamyakayaka kandosi, okuyindlu ephuma kumbhekwa. Kubuye kube nendlu kabhengu kamningiza ongumnewabo kanodange kodwa futhi okungasho ukuthi ihlobene nongcolosi.
Nekandosi kantukumbana, okungasho ukuthi ihlobene nocele. Nokhokho wabo ulangalakhe, wayebuye abizwe ngolanga okungasho ukuthi uhlobene nolanga osogodi, Sothole noshiyabantu.