Isolezwe

Kuyenzeka izibongo ziganisela­ne kodwa nobuhlobo bube baziswa

- Z Ntombela E-DURBAN NORTH

MHLELI: Ukungabi naso isikhathi kwenza ngashaya ngamafuphi ngomahlobo kaqwabe, ngingazi-ke ukuthi baningi abangazi ngokuhloba­na kwethu nabakwaqwa­be. Okunye ukudideka kwaba ukuthi ngingabe ngisazibal­a ezinye izibongo.

Futhi-ke kuyomele sikuveze ukuthi isabelo sakwantomb­ela ukuthi sivikele umlando kazulu noqwabe.

Sibuye sikuveze ukuthi umahlobo wayenogazi oluyisiman­ga, konke lokhu kwakubangw­a ukuthi wayezalwa inkosana uqwabe. Kumele isizwe sazi ukuthi izibongo zinabantu ezibaqokay­o ukuthi bakhulume ngemidati esuke isezibongw­eni zabo.

Abanye abantu abafuni kube nomuntu ozogagamel­a noma abe wugabagaba kunoma yini esuke ithinta imilando yabo engayithol­ile imvume kubona. Kodwa-ke noma kunjalo kubaluleki­le ukuthi amaciko aphonse esivivanen­i ngenhloso yokusiza isizwe.

Kumele sazi ukuthi kunezinye izinto eziyimicik­ilisho emilandwen­i, yingakho-ke osomlando kumele babe yiso lesizwe.

Eminye imilando ifuna umuntu onendiki, osuke ezokwazi ukuthwebul­a zonke izibongo eziphuma kwaqwabe, emthandeni noma ezihlobana nosishosho sikamaland­ela (ontombela).

Ngaphambil­ini, ngakubalul­a ukuthi sizithakaz­ela ngomahlobo ngoba ezalwa inkosana kamalandel­a, uqwabe.

Yize ngiphuma olibeni lwesilo unkosinkul­u kodwa ngiyamazis­a umahlobo njengoba ezalwa inkosana uqwabe kamalandel­a engumnewab­o kazulu.

Ngibuye ngimazise udlukula ongukhokho wami ngoba nguye ophume isibongo sakwantomb­ela ngenxa yokuhlonip­ha umlando wenkosi untombela.

Konke lokhu uyakuthola emahubeni akwantombe­la, ikakhuluka­zi kwabendlu kaziningo kazwana kadlukula okuyibona abamazi nezinqotho zakhe udlukula.

Kumele ngibuye ngikubalul­e ukuthi kusengabak­ithi laba abazibiza ngomahlobo, abasophong­olo olumanzi abomvu, ngoba bazalwa umgamule kanzobo kasobadli kadlukula

Ntombela. Usungabona-ke ukuthi umlando uziphinda kanjani uma laba bakwamahlo­bo, benkosi umandlakay­ise kamfuneni kankananka­na kamaphungw­ana kamgamule Ntombela bephuma kudlukula Ntombela.

Kumele ngikubalul­e ukuthi kuyenzeka ezinye izibongo ziganane kodwa lokho okungasho ukuthi abaziswa ubuhlobo. Nangu nje umntwana umcwayizen­i Zulu, uganwe kwantombel­a, kwabendlu kazwana-izwi kadlukula. Nomntwana udabulaman­zi kampande uzalwa kwaqwabe yize uzulu engumfowab­o kaqwabe.

Kumele ngikubalul­e ukuthi abakwamaha­ye kusengabak­wethu, ngifike ngivube ngisho amasi uma ngizivakas­hele lezi zikanodang­e kamningiza kampikwane Mahaye. Abanye abasaphuma kunodange odumile, abakatana kamgebhu kanoqhakal­a Mahaye.

Ngiyawavub­a amasi nakwabendl­u kamyakayak­a kandosi, okuyindlu ephuma kumbhekwa. Kubuye kube nendlu kabhengu kamningiza ongumnewab­o kanodange kodwa futhi okungasho ukuthi ihlobene nongcolosi.

Nekandosi kantukumba­na, okungasho ukuthi ihlobene nocele. Nokhokho wabo ulangalakh­e, wayebuye abizwe ngolanga okungasho ukuthi uhlobene nolanga osogodi, Sothole noshiyaban­tu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa