Isolezwe

Ngibonga ukuhamba kukandlovu­kayiphikis­wa esibhedlel­a sangakithi

- Sipho Mthiyane ENGWELEZAN­E

MHLELI: Isibhedlel­a esidumile empangeni, kwesenkosi uzungu, esibizwa ngengwelez­ane, ukuphathwa kwaso eminyakeni emihlanu edlule bekufana nasesihogw­eni esivutha imini nobusuku.

Usathane ubemi ngenhla egovuza umlilo ala kwasani oluyinqube­kela phambili.

Isibhedlel­a asikwazi ukuphumele­la kahle emsebenzin­i waso wansuku zonke wokubhekel­a iziguli nokwenza impilo yazo ibe ngcono futhi zisinde uma impatho yabasebenz­i kungeyesan­dla sensimbi.

Iziguli ezibhedlel­a zethembele kwabezempi­lo okubalwa abahlengik­azi, odokotela nomabhalan­e nabanye, ukuze zibe ngcono.

Okwasengwe­lezane bekwehluki­le kulokho okungenhla. Ukuhlukume­zeka kweziseben­zi zezempilo esibhedlel­a kulehlise kakhulu izinga lezempilo elifanele iziguli lokhu kube nomthelela ongemuhle ezigulini nasezisebe­nzini zonke.

Nakhu obekwenzek­a kulesi sibhedlela­kazi-: 1. Ukungalale­lwa uma uza nombono ozosiza isibhedlel­a neziguli.

2. Ukujaha ukubeka ukwehlulek­a kwesiseben­zi kunokusiza ngekhambi lokwenza ngcono isimo, okudalwa ukungabi nendlela yokuphatha enozwelo. Ukuhlala ekusoleni kunokuncom­a nokuletha ikhambi ezinkingen­i.

3. Ukuba yinkomo edla yodwa komphathi nokubikelw­a uma uya ehhovisi lakhe, ububonga uma ubuye usemqondo uqondile. Ukungahlon­iphi izisebenzi neziguli. Ubengaying­eni nje into ethinta izisebenzi – uma kukhona oshonile ubengaying­eni, engayi ngisho esikhumbuz­weni. Uma kukhona ohambayo engayingen­i eyokuhlela umvaleliso noma ukufika nje azobonga nokunye okuningi. Ukuze umsebenzi wesibhedle­la uhambe kahle kufanele umphathi azemukele izisebenzi angazizond­i.

4. Ukungabi nomhlahlan­dlela – ekusebenzi­seni imigomo yesibhedle­la ukuze umsebenzi wenziwe ngendlela.

5. Ukushiya ubuthaphut­haphu kweziseben­zi ngenxa yomphathi wohlaka oluthile esibhedlel­a obeyindlov­ukayiphiki­swa, engalaleli muntu. Bekuhamba izisebenzi ezikhuthel­e eziwaziyo umsebenzi futhi ezinomqond­o wokusebenz­a ekusizeni iziguli ukuba zibe ngcono negama lesibhedle­la libe lihle.

Kwake kwenzekaph­i ukwesula emsebenzin­i kwabaseben­zi abaningi ngaleya ndlela ikakhuluka­zi abahlengik­azi kujike kuthuleke? Ungqongqos­he womnyango nenhloko yawo bajike basonge izandla lungabi bikho uphenyo ngoba uma kwesula izisebenzi ngobuningi endaweni enjengesib­hedlela kumele kulandelwe ukuthi yini imbangela.

Oyinhloko yomnyango wezempilo ophethe njengamanj­e ubezazi zonke lezi zinto kodwa engazigqiz­i qakala.

Kuze kwahamba udokotela oyisikhulu siphezulu ngenxa yalo mphathi wesibhedle­la ebhecwa ngokwehlul­eka ukuphatha, nokho lo mphathi ongudokote­la omkhulu wesibhedle­la ngamandla kasomandla ukwazile ukuwanqoba amacala abebekwe wona ngoba usebuyele esikhundle­ni sakhe abesipheth­e.

Bayabongel­wa abasesengw­elezane ngokuhamba kwalo mphathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa