Isolezwe

Asixwaye bese sidlalela kude ‘namabhanoy­i’

-

OKWENZEKE ebantwini abebefake imali ebhanoyini elibizwa nge-leftover Currency ebelizinze everulam, ethekwini, kufanele kube yisifundo kuwo wonke umuntu ngobungozi bokuthanda imali esheshayo. Ibhanoyi liphahlaze­ke ngeledlule, kwasala izinkumbi zikhihla esendlovuk­azi unandi. Abebefake inkece yabo bafike itshe selome enhlama emahhovisi e-leftover Currency.

Abanye bebengakho­lwa, becabanga ukuthi kusazobuye kuvulwe bathole izizumbulu zemali abebezithe­njiswe.

Kuthiwa kukhona abebelinde­le ukukhokhel­wa o-r700 000, R1 million nezinye izishaqane. Umshikashi­ka webhanoyi kuthiwa uqale ngo-agasti wonyaka odlule. Njangawo wonke amabhanoyi bakhona abese behlomulil­e, ikakhulu ngesikhath­i lisada kuqala - kusadotshw­a abanye.

Bekufakwa u-r5 ohambisana no-r1 300 bese kuhlonyulw­a u-r3 200 emva kwesikhash­ana. U-R5 bekufanele ube nekhanda likanelson Mandela. Ngo-r5 owakhiqize­lwa ukugubha iminyaka ewu90 kamadiba, kuthiwa ubuthola u-r33 800 emuva kwezinsuku eziwu-32.

Okudumazay­o wukuthi kucwile ngisho imali yothisha, amaphoyisa nonesi. Laba ngabantu ababalulek­ile emphakathi futhi obekulinde­leke ukuthi kube yibo abafaka kuqala inhlabathi ephalishin­i lezigilamk­huba.

Ngaphambi kokuba abantu batshale imali yabo abayiseben­zele kanzima kumele bakhumbule ivangeli elihlale lishunyaye­lwa yi-financial Sector Conduct Authority (FSCA) elithi mababheke ukuthi inkampani igunyaziwe yini ukwenza umsebenzi ethi iyawenza.

Lokhu kuqiniseki­swa kwi-website YE-FSCA ethi: www.fsca.co.za noma ngokushaye­la ku: 0800 110 443.

Okwenzekil­e kuyisifund­o sokuthi sonke masixwaye, sibuze imibuzo nxa sithenjisw­a imivuzo engaphezu kwelindele­kile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa