I-ATM iyaqhubeka nemizamo yokuchitha umbiko okhipha uramaphosa phambili
I-ATM iyaqhubeka nemizamo yokuchitha umbiko womvikeli womphakathi okhipha phambili umengameli Cyril Ramaphosa, ngodaba lokuntshontshwa kwezindodla zamadola asemelika epulazini likamengameli iphala Phala.
I-ATM ifake amaphepha okuphendula esicelweni sayo esifake enkantolo enkulu epitoli, lapho ifuna ukuthi kuchithwe umbiko ka-advocate Kholeka Gcaleka. Uramaphosa wayesolwa ngokungawabikeli amaphoyisa ngokuntshontshwa kwemali engu-$580 000 (R10 million) eyantshontshwa ngo-2020.
Umbiko ka-advocate Gcaleka wathola ukuthi uramaphosa akukho okuphambene nomthetho akwenzayo. Kepha I-ATM ayizange iwemukele lo mbiko, yakhala ngokuthi uramaphosa kufanele achaze ngemali.
Yabe isifaka icala, ikhala ngokuthi u-advocate Gcaleka akazange akhulume nabo bonke abantu abathintekayo.
Emaphepheni asenkantolo, umholi WE-ATM, umnuz Vuyo Zungula, wathi u-advocate Gcaleka kwakufanele akhulume nowayeyimenenja epulazini likaramaphosa, umnuz
Simphiwe Ndlovu, okuthiwa nguyena owafihla le mali empahleni yasendlini.
Undlovu kuthiwa wenqaba ukukhuluma no-advocate Gcaleka, uzungula wathi kwakufanelwe aphoqwe ukuthi aphendule imibuzo.
Uzungula wathi u-advocate Gcaleka kwakufanele aphinde akhulume nowayesebenza endlini, unksz Froliana Joseph, okuthiwa uyena owahlebela izigebengu ezashaqa imali.
Unksz Joseph nomfowabo, umnuz Ndilishano David Joseph, baboshelwe leli cala.
Okhulumela I-ATM, umnuz Zama Ntshona, uthe banethemba lokuthi inkantolo izovumelana nabo esicelweni sabo. Untshona uthe bafuna ukuthi u-advocate Gcaleka aqale phansi umbiko wakhe.
“Sifuna enze uphenyo lwakhe ngendlela, asinikeze umbiko oqondile.”
Untshona uthe u-advocate
Gcaleka wavikela uramaphosa ngoba nakhu encenge umsebenzi. Ngesikhathi enza umbiko, u-advocate Gcaleka wayebambile esikhundleni sakhe. Kwenzeka lokhu nje, inkantolo yezomthethosisekelo isanda kwemukela icala elifakwe I-EFF, ephonsela inselelo isinqumo sephalamende sokuchithwa umbiko wethimba elaliphenya ngalolu daba.
Umbiko wethimba elaliholwa owayeyinhloko yamajaji, usandile Ngcobo, wathola ukuthi kukhona uramaphosa okufanele akuphendule. Nokho iningi lamalungu ephalamede lavotela ukuthi umbiko uchithwe, nokwakhalisa amaqembu aphikisayo.
I-ATM iyona eyayikade ifake isikhalo ephalamende esaholela ekutheni kusungulwe ithimba.