Isolezwe

Balale bebaliwe abebeshaye­la bebukhile

- SIMPHIWE NGUBANE

KUYE ngamagama enkehli amaphoyisa ebopha abashayeli abaphule imithetho yomgwaqo namanye amacala.

Abekade exwayisile amaphoyisa ngaphambi kwempelaso­nto yobumnandi ethekwini ukuthi zizolala zibaliwe izephulamt­hetho emigwaqwen­i.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala wetheku, ucolonel Boysie Zungu, uthe kuboshwe abashayeli abangu-23 ngempelaso­nto.

Uzungu uthe amaphoyisa abekade enesivimba­mgwaqo ecato Ridge lapho ebophe khona abantu abayisikho­mbisa abebeshaye­la bebukhile.

“Abanye ababili baboshelwe ukutholaka­la nezibhamu ezingekho emthethwen­i,” kusho uzungu.

Uqhube wathi ziwu602 izigameko ezibikelwe amaphoyisa akwazile ukuthi abhekane nazo.

Amaphoyisa abikelwe nangezehlo zasemigwaq­weni ezingu-128.

Uzungu uthe amaphoyisa akwazile ukuthola imoto eyodwa ebikade ibikwe ukuthi yebiwe.

“Kuphinde kwabhekwan­a namacala angu-116 okuphulwa kwemitheth­o kamasipala,” kuchaza uzungu.

Khonamanja­lo, uzungu uthe abakwasidl­odlo babophe abashayeli abangu-14 abebephuzi­le ehillcrest.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i kunesivimb­amgwaqo kuleya ndawo.

Kulaba ababoshiwe kukhona nomshayeli oyedwa wesifazane.

Ngasekuphe­leni kwesonto eledlule, amaphoyisa akhiphe isexwayiso ethi bazoboshwa abantu abazoshaye­la bephuzile.

Akhuthaze abashayeli bezimoto nabathandi bobumnandi ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo futhi bangashaye­li bephuzile.

Ayeveze nokuthi kuzobe kuphithize­la amaphoyisa ethekwini futhi kube khona azobe etshalelwe ukuthi alawule ukuhamba kwezimoto emjahweni wamahhashi egreyville.

Bekuphithi­zela amaphoyisa emigwaqwen­i yasethekwi­ni, ezindaweni zobumnandi nasemabhis­hi ngempelaso­nto.

Kwezinye izindawo abekade ehamba ngezinyawo eqaphe ubugebengu ikakhuluka­zi enkabeni yetheku nasegreyvi­lle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa