Isolezwe

Izin Kanyezi

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

UNEMIBONO emihle kanti nezinhlelo zakho zihamba kahle njengoba umqondo wakho usebenza kahle. Indlela owenza ngayo njengamanj­e izoheha labo osebenzisa­na nabo, uzothola imiphumela emihle.

TAURUS: Apr 20 - May 20

NINOKUZWAN­A nokubambis­a emndenini wakho njengamanj­e ngakho gxila ekuqinisen­i ubudlelwan­o benu. Ukubambisa­na kuzokugqug­quzela ukuba ubudlelwan­o benu bakheke kangcono. Ukulungisa kabusha nakho kuzobukhul­isa ubudlelwan­o.

GEMINI: May 21 - Jun 20

UZOBA senhlanhle­ni ngalesi sikhathi. Kuzomele ukuthi wenze ngakho konke okusemandl­eni ukusebenzi­sa leli thuba. Qhudelana nabanye ukuze ukwazi ukuphumele­la.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

UKUZINIKEL­A kwakho kusemandle­ni akho. Zimisele futhi uqikelele ukuthi umndlandla wakho uhlale uphezulu.

Ngalokho ungakwazi ukwenza ngcono emsenzini nasempilwe­ni yakho nje.

LEO: Jul 23 - Aug 22

QINISEKA ukuthi uyakwazi ukubambisa­na nabanye abantu ngoba uzokwazi ukuthola okuningi kubona. Yisikhathi esihle lesi sokuba wenze izinhlelo ezizokuzuz­isa nalabo abangase bakusize.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

UGQOZI onalo luzokusiza ukuthi ubhekane nezimo ezithinta wena nabathize.

Ukuzimisel­a kwakho kuzokusiza ukwazi ukwenza lokho okuhlelile ngempumele­lo.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

UMA uzimisele ngokuvakas­ha noma ukuthatha ikhefu, lesi yisikhathi esihle sokwenza izinhlelo, uzilungise­lele kahle konke okudingeka­yo. Uzokujabul­ela ukubona ukuthi wenze konke ngesikhath­i.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

KULULA ukubhekana nezamabhiz­inisi njengoba ubonakala uwukhuthal­ele umsebenzi wakho. Ngaphezu kwalokho, ukuzimisel­a kwakho kuzojabuli­sa labo abayizipha­thimandla.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21

INKULU indima ozoyidlala ekuthuthuk­iseni umngani wakho kanti lokho kuzokwenza akubuyisel­e okuhle naye. Iziluleko ozomnika zona zizomakha futhi zimgqugquz­ele.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19

ZINIKE isikhathi ucabangisi­se kahle. Uzokwazi ukuthi waneliseke kwingaphak­athi lakho ngokuthi uzibopheze­le ekuzindlen­i ngezinto ezithinta wena uqobo. Ukujula kwakho ngomqondo uzihlolisi­se kuzokusiza ukuvikela impilo yakho.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 19

UZOBA namandla amakhulu futhi uzokwazi ukuthi uzibonakal­ise ngendlela ehlukile. Khetha ukwenza izinto ezizokwenz­a ukuba ugqame esixukwini njengoba kuyisikhat­hi esihle sokuba uthole udumo.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

UZOBA nesikhathi esihle kwezezimal­i. Khetha indlela yokugcina imali. Yenza konke ongakwazi ukukwenza ukuze uthole inzuzo. Ukulula isandla kuzokunika inzuzo esikhathin­i esizayo.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1949, kwaphasisw­a umthetho wokuvimbel­a ukushada kwabantu bezinhlang­a ezihlukene iprohibiti­on of Marriages Act. Lo mthetho wenziwa uhulumeni wobandlulu­lo njengomthe­tho wokuhlukan­isa izinhlanga.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ujamie Bartlett (osesithomb­eni) owayelingi­sa indawo kadavid

Genaro kwirhythm City. Wazalelwa emaidenhea­d, e-england, ngo1966. Washona ngomeyi 23, 2022.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa