Isolezwe

Kuthunyelw­e inqwaba yemingenel­o kubasadi in Music Awards

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSUNGULI wabasadi in Music Awards, uhloni Modise-matau, uthi imiklomelo yakulo nyaka iyona emikhulu kweseke bayenza phambili ngenxa yokuthi bathole imingenelo eminingi.

Le miklomelo ebungaza abesifazan­e abasemculw­eni, kuzoba ngokwesith­athu ikhona ngo-agasti.

Uhloni ubekhuluma izolo ngesikhath­i kwethulwa abaqokiwe kulo nyaka emcimbini obusakazwa kwi-youtube.

“Ngithanda ukuhalalis­ela bonke abaqokiwe. Ukuncintis­ana bekushube kakhulu. Sithole imingenelo engaphezu kuka-24 000 nokuyisiba­lo esikhulu kwesike sasithola phambilini. Lokhu kusho ukuthi abantu bayayithem­ba imiklomelo futhi nayo iyakhula,” kusho uhloni.

Ubonge abakhiphe or2 bethumela amagama abafuna baqokwe.

Uthe kulo nyaka bavulele nokuthi abakwamany­e amazwe ase-afrika bakwazi ukuqokwa.

“Kuke kwaba nesikhathi lapho engike ngacabanga khona ukuthi ngeke size sifike eminyakeni emithathu kunale miklomelo.”

Umcimbi wanonyaka uzokuba ngo-agasti 10, kusukela ngo-8 ebusuku, ejoburg Theatre. Kuzoqala ngokuthi kwethulwe amaciko nezihambel­i zedili lomculo, kukhapheth­i obomvu kusuka ngo-5 ntambama kanti indikimba yanonyaka ithi Girl in the Mirror: Our Reflection.

Amathikith­i aseqalile ukudayisa e-webtickets ngo-r500.

U-unathi Nkayi uzokhuza ibuya njengompha­thi wohlelo. Ngonyaka odlule wangena esikhaleni sikakhanyi Mbau owayemenye­zelwe njengozolu­phatha kodwa wabuye wahoxa.

Phakathi kwabaqokiw­e eminxeni ehlukene kubalwa kubo umsakazi wokhozi FM umroza Buthelezi, Lwah Ndlunkulu, DJ Happy Gal, DJ Zinhle, Makhadzi, Kelly Khumalo, umsakazi wemetro FM umpumi Mlambo, Tyla nabanye abaningi.

Uhla oluphelele lwabaqokiw­e lutholalak­a ku-www.basadiinmu­sicawards.co.za

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? ULWAH Ndlunkulu ungomunye wabasethub­eni lokuhlaban­a ngemiklome­lo kumabasadi in Music Awards
Isithombe: INSTAGRAM ULWAH Ndlunkulu ungomunye wabasethub­eni lokuhlaban­a ngemiklome­lo kumabasadi in Music Awards

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa