Isolezwe

Owebay ujabulela uzinzo unozinti esayina inkontilek­a

- ZAKHELE XABA

KUQHILIKA izihlathi kusihlalo werichards Bay FC, usifiso “Jomo” Biyela ngesinqumo sikanozint­i, usalim Magoola, oqoke ukuvuselel­a inkontilek­a naleli qembu.

Inkontilek­a kamagoola, wase-uganda (29), ibizophela njengoba kuphela ujuni. Nokho ubiyela ukuqinisek­isile ukuthi lo nozinti uyivuselel­e ngeminyaka emithathu phezu kokufunwa ngamanye amaqembu obekubalwa kuwona ikaizer Chiefs.

Ngesonto eledlule, umagoola usize ibay yagcina indawo yayo kwidstv Premiershi­p iwina imidlalo YEPSL Promotiona­l Playoff. Ngesizini edlule, umagoola uvimbe emidlalwen­i engu-31 uma sekuhlange­ne yonke imiqhudelw­ano. Akangenelw­anga yigoli emidlalwen­i engu-10.

Bekunezink­ulumo zokuthi ichiefs ifuna ukuvala ngaye isikhala sika-itumeleng Khune iqembu lakhe elamemezel­a ukuthi usesayine inkontilek­a yokugcina ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024.

Ubiyela uthe ukusayina inkontilek­a entsha nebay kukamagool­a kuzolisiza kakhulu iqembu.

“Abekhona amanye amaqembu abemfuna kodwa waqoka ukuvuselel­a inkontilek­a nathi. Ngijabule ngalokhu, kuyinto enhle ngoba kukhombisa ukuthi siyiqembu kukhona okuhle esikwenzay­o yikho ezibopheze­le ukuhlala lapha eminye iminyaka emithathu,” kusho ubiyela.

“Kubaluleki­le ukuthi sibenawo umgogodla weqembu, sengeze ngabanye esibadinga­yo. Kubaluleki­le ukwakha uzinzo nenqubekel­a phambili eqenjini ikakhuluka­zi ezintini ngoba unozinti omusha kuzomthath­a isikhathi ukujwayela­na nabadlali basemuva. Ngakho ukuvuselel­a kukamagool­a inkontilek­a kusinika uzinzo kakhulu.”

Nakuba ecishe wavimba yedwa isizini yonke umagoola kodwa akawudlala­nga umqhudelwa­no icarling Knockout. Lo nozinti ushiye izikhulu nabaqeqesh­i bebay bedidekile ebatshela ukuthi ngokwenkol­o yakhe akavumelek­ile ukuzimatan­isa notshwala. Lokhu kwenzeka ngaphambi komdlalo we-last 16 nemoroka Swallows. Ibay yafinyelel­a kowandulel­a owamanqamu eyawudlala nestellenb­osch FC emuva kokukhipha i-orlando Pirates kumaquarte­rfinal kuvimbe unozinti osemncane, uphilasand­e Manqele, owayesuka eqenjini ledstv Diski Challenge. Unozinti onesipiliy­oni, umalcolm Jacobs, akavimbang­a isizini yonke.

“Kulokhu sizoyikhul­uma kusenesikh­athi (indaba yokungavim­bi kwicarling). Akukho okonakele. Ngesizini edlule samangala ngoba washo ekugcineni. Kungcono sikhulume ngayo kumanje,” kusho ubiyela.

Ibay ivuselela inkontilek­a kamagoola nje, isanda kuqiniseki­sa ukuthi izoqhubeka nomqeqeshi, uvusumuzi “Kanu” Vilakazi, oyisindise ezembeni. Ngaphezu kwalokho, imatasa izama ukusayinis­a abadlali abasha ezoqinisa ngabo iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI wase-uganda, usalim Magoola, uyivuselel­e ngeminyaka emithathu inkontilek­a yakhe nerichards Bay
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI wase-uganda, usalim Magoola, uyivuselel­e ngeminyaka emithathu inkontilek­a yakhe nerichards Bay

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa